USUHLALE uthuka izanya umndeni wakwaMkhwanazi eLovu, eThekwini njengoba indawo owakhe kuyona ngasemgwaqweni u-R603 kuSipho Mkhize Highway isiphenduke inkundla yezingozi zogwaqo. NgoMgqibelo lapho kushone khona izelamani ezine zakwaMfeka bese kungokwesithupha kuphaphalaza imoto ingena egcekeni.
Imoto yezelamani ihudulwe yiloli langena nayo kwaMkhwanazi. Iloli lishaye phansi indlu engurawondi kanti abakulo muzi bathi bazibona bengasaphephile njengoba nangoMgqibelo bengazi ukuthi basinde kanjani.
Kulesi sigameko kuthinteke nomakhelwane bakwaNdlovu iloli efike yabhajwa khona emuva kokuhudula iToyota Corolla ibanga eliwu-100 metres.
UNkk Zandile Mkhwanazi uthe sebeyasaba njengoba umuzi wabo useduze kwalo mgwaqo odume ngezingozi.
“Sasisendlini ngizwa umsindo kungathi kuzamazama umhlaba. Ngizwe kumemeza abakwaNdlovu bethi asiphume, safica sekuvimbanise uthuli iloli isegcekeni. Ngacishe ngafa wuvalo ngoba ngiyaqala ukubona into enje, abantu bevaleleke phansi kweloli,” echaza.
UMnuz Mthokozisi Mzolo wekomiti lomphakathi uthe kade babekhala ngalo mgwaqo becela ukuba ufakwe izinciphisajubane.
Uthe basabela ukuthi usazobaqeda abantu ngoba useduze kwezikole, yinkulisa nomtholampilo.
Kule ngozi yangoMgqibelo kushone oMnuz Nathi, Sibusiso, Xolani noNhlahla Mfeka abebephuma kubo ePort Shepstone. Ngesikhathi Isolezwe lihambele endaweni umphakathi ukhale kakhulu ngalo mgwaqo okuthiwa awunamarobhothi nezinciphisajubane.
Okhulumela umndeni wakwaMfeka, uMnuz Bongani Ngcobo uthe kuzoba nzima ukulungiselela umngcwabo abafuna ukuwuhlanganisa ngoba uyedwa obesebenza kwabashonile.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda usezibophezele ngokuthi kuzophenywa ngalo mgwaqo.
Uthe uzoqinisekisa ukuthi ziyaphela izingozi ezidlange kulo mgwaqo okuthiwa uyaphithizela.
Usole nabashayeli ngokungazihloniphi izimpawu zomgwaqo.
Esitatimendeni uKaunda uyakuveza ukuthi seziningi izingozi ezenzeke kulo mgwaqo.
Uveza nokuthi emasontweni ambalwa edlule sekwenzeke izingozi ezine ezidlule nemiphefumulo yabantu kulo mgwaqo.
“Kulo mgwaqo kusanda kushona obehamba ngezinyawo oshayiswe yizimoto washonela endaweni yesigameko. Kungekudala ibhasi ebiphuma emcimbini wezemidlalo yaphaphalaza kwalimala abaningi. Emasontweni edlule itekisi ishayisane nemoto kwashona ababili. Uphenyo olungakaphothulwa luveze ukuthi abashayeli kabahloniphi imiyalelo uma kulungiswa umgwaqo,” kusho uKaunda.