Uvalo ngokuminza kwabantu ngamaholidi

Comment on this story
_DSC1284 copy . ABAKWA-NETCARE 911, bahambele eShaka Marine World ngoMgqibelo befundisa abantu ngokumele bakwenze uma kukhona ominzile noma ocishe waminza. Lokhu bakwenze ukuqwashisa abantu ngokuminza njengoba sekuzoba yisikhathi samaholidi. Isithombe: SITHUNYELWE

BAWINILE NGCOBO

SIPHEZULU isibalo sabantu abaminzayo nabasinda sekukubi beminza emabhishi, emadamini nasemfuleni kuleli.

NgoLwesihlanu abakwaNetcare 911 baveze ukuthi babizelwe ezigamekweni ezingu-218 zokuminza kusukela ngoJanuwari kuze kube u-Okthoba kulo nyaka okuyisibalo abathi siphezulu.

Bathi ngonyaka owedlule ngo-Okthoba noDisemba babizelwa ezigamekweni ezingu-102 zokuminza.

Ngempelasonto abakwa-Netcare 911 bahambele eShaka Marine World, eThekwini lapho bebefundisa khona abantu ukuthi kumele basize kanjani umuntu ominzile noma ocishe waminza uma bebhekana nalesi simo.

UMnuz Peter Feurstein oyi-Operations Director kwa-Netcare 911 uthe lezi zibalo ziyethusa njengoba kuza amaholidi okuphela konyaka nokuyisikhathi esinesibalo esiphezulu sokuminza kwabantu.

Ngokombiko weMedical Research Council of South Africa kule minyaka emihlanu sekushone abantu abangu-3 000 ngokuminza kuleli.

UFeurstein uthe kujwayelekile ukuthi kwelakuleli kuzwakale ukuthi sekunengane eminzile noma ecishe yaminza.

Uthe ukuqikelela nokukwazi ukulekelela lowo osuke eminza ngokushesha kuyawenza umehluko ekuhlengeni impilo yabantu.

Uthe izingane ezincane ziba yizisulu zokuminza kalula ngoba azazi ngobungozi bamanzi futhi zisuke zifuna ukuzidlalela ngawo.

“Amaphesenti angu-75 abantu abaminzayo kuleli, yizingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu,” kusho uFeurstein.

Uthe abakwaNetcare bayakuncoma ukuthi uma kune-swimming pool ekhaya ihlale ifakwe inethi noma ibiyelwe.

Uthe lokhu kuvikela kwenza umehluko omkhulu ekunciphiseni isibalo sabaminzayo.

“Uma umuntu enezingane ezincane, ukuqaphela yikho olubalulekile ekuzigcineni ziphephile. Izingane eziningi ziminza ngesikhathi zibhukuda zingagadiwe emfuleni, amadamini nasolwandle. Izingane ezincane ziminza ngisho emabhakedeni agcwele amanzi, kumele zihlale zigadiwe ngaso sonke isikhathi,” kusho uFeurstein.

UDkt Victoria Roets oyi-Principal Medical Consultant kwa-Netcare 911 uthe uma umuntu eminza kumele lowo ozama ukumhlenga enze isiqiniseko sokuthi uphephile, bese ekhipha ominzayo emanzini.

Kumele obeminza abekwe endaweni eqondile, kubhekwe ukuthi usaphefumula nokuthi uyaphendula yini ma kukhulunywa naye.

Ngemuva kwalokho, kufonelwe abezimo eziphuthumayo abazoletha ithimba elizosiza.

Abezimo eziphuthuyo bayakwazi ukunika imiyale-lo yokuthi kungenziwa njani ngesikhathi kulindwe bona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.