Uvele enkantolo ‘owebelwa’ ingane

Comment on this story
NO_no Nolwazi Gumede0 INLSA UNOLWAZI Gumede waseNdwedwe ovele enkantolo ngecala lokuqamba amanga emuva kokuvula icala lokuntshontshelwa ingane. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

LUNGI LANGA

IVELE enkantolo intombazane yaseNdwedwe esolwa ngokuqamba amanga ithi yebelwe ingane ibe ingazange ikhulelwe.

UNolwazi Gumede (17) uvele enkantolo yaseVerulam ngecala lokuqamba amanga emuva kokubika emaphoyiseni ukuthi webelwe ingane. Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo noMashi 5.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe le ntokazi idedelwe ukuthi ihlale nabazali ibe ihamba leli cala emuva kokuthi ‘yebelwe’ ingane erenki yaseVerulam emasontweni amabili adlule. UZwane uthe abantu akumele bazitshele ukuthi bangaqamba amanga bangaboshwa. Uthe sekukaningi abantu begwetshwa emuva kokuvula icala beqamba amanga.

Ubalule isigameko sokugwetshwa kowesifazane waseFolweni owabika ukuthi wathunjwa ngabesilisa bamvalela endlini ethile eMpangeni kwathiwa akapheke amakhanda abantu.

Kwabuye kwatholakala ukuthi kwakuwuhubhu kabhejane ngoba wayezikipitele nendoda. Wagcina ngokuboshwa.

Udadewabo kaNolwazi uNksz Cynthia Gumede uthe namanje basamangele ngesenzo sakhe.

Uthe ubengakabachazeli ukuthi yini eyenza ukuthi aqambe amanga ngokukhulelwa.

“Ngigcina ukuba naye ngesonto eledlule ngesikhathi eboshwa ubethi uma ebuzwa ngalolu daba avele akhale. Siphoxekile ngoba sonke besizitshela ukuthi ukhulelwe ngempela,” kusho uNksz Gumede.

Uthe njengomuntu obengahlali nodadewabo uthe uma ebona isisu sakhe izinyanga sezihambile wabona sisincane.

“Kodwa ngazitshela ukuthi abantu abakhulelwa ngokufana abanye baba nezisu ezincane. Manje sengiyabona ukuthi yilezi zidwedwe ayezifaka esiswini akha isisu,” kusho uNksz Gumede.

Uthe udadewabo udedelwe ukuthi ahlale nomzali ebe esaya ecaleni.

UNksz Natasha Ramkisson we-National Prosecuting Authority uthe abantu akumele bazitshele ukuthi bangaqamba amanga bangaboshwa.

“Umuntu owenza lokhu usuke echitha isikhathi samaphoyisa nesabameli. Ngesikhathi amaphoyisa ephenya icala elingamanga kusuke kunamacala angempela okumele aphenywe,” kusho uNksz Ramkisson.

Uthe kuzobhekwa zonke izinhlangothi mayelana naleli cala ngoba le ntokazi isencane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.