Advertisement
X

Uvimba okuningi ngomculo wokholo

THOKOZANI NDLOVU

UMPHENYI omkhulu wophiko oluphenya ngamacala enziwe ngamaphoyisa i-Independent Police Investigative Diractorate (IPID) KwaZulu-Natal uthi usizwa ngukuhlabelela umculo wokholo ukubhekana nengcindezi evamise ukuhlasela amaphoyisa agcina ngokuzibulala nemindeni yawo.

UMSUNGULI weqembu lomculo wokholo iFamily Friends, uMthokozisi Nkabinde. Credit: INLSA

Esinye isibonelo sezigameko ezifunze lesi ngesephoyisa elinguConstable Menzi Godfrey Zungu (32) laseMzinyathi eligasele ekhweni lalo ngeledlule labhunyela usana nonina ngophethiloli labokhela, basha bangqongqa.

UMthokozisi Nkabinde (32) oqale engumphenyi esiteshini samaphoyisa KwaMashu ngo-2003 uthi umculo wokholo akawenzeli ukuzihlomulisa nje kuphela ngawo kodwa uyamsiza ukuthi umvuselele ngenxa yomsebenzi wakhe.

“Nsukuzonke sihlangabezana nezigameko ezinyantisa igazi. Uma uqhelelene noNkulunkulu angiboni ukuthi kukhona okungakusiza. Ngokucula ngigcina ngikhohlwe yiyo yonke into embi engike ngabhekana nayo osukwini ngisemsebenzini,” kusho uMthokozisi.

UMthokozisi okhonza ebandleni iMercy City Community Church ungumsunguli weqembu lomculo wokholo iFamily Friends.

Leli qembu uthi ulisungule ebambisene nabangani bakhe abahlanu ngesikhathi besafunda eMandlenkosi High School KwaMashu okuyindawo azalelwe kuyo.

Uthe ngesikhathi belisungula leli qembu kwakungekho emqondweni wakhe ukuthi liyogcina limsize ngisho nasemsebenzini aqashelwe wona wobuphoyisa.

Ngo-2007 bakhiphe i-albhamu yabo yokuqala esihloko sithi, Uyanqobela.

Kwalandela ethi, Emma-nuel ngo-2010 okuyiyona esashisa izikhotha namanje.

Leli qembu eselizakhele udumo ngengoma eyisihloko se-albhamu ethi, Emmanuel lijwayele ukushiyelana inkundla nabaculi bowokholo okungoSgwili, Thina, Sfiso Ncwane nabanye.

Lijwayele ukubonakala linandisa ezinkonzweni zamatende ezahlukene eThekwini kanti lisuke lingakaculi uma lingakayishayi imfivilithi ethi, Emmanuel okuyiyona evele isukumise wonke amakholwa ngendlela ethandwa ngayo. Ukudlula emhlabeni kukaJabulani Dlamini obeyilungu laleli qembu owaba sengozini yemoto nyakenye akuliqedanga amandla njengoba lithi selizokhipha i-albhamu yesithathu.

SHOW ALL
Advertisement