Uvukwe wukuwa ebhema washa nendlu

Comment on this story
NO mbuyane3 INLSA UNkk Bekiwe Mbuyane (80) oshonelwe yindodana yakhe ngemuva kokuthungeleka kombhede ekade ilele kuwo. La uthathwe ehlezi ehholo lomphakathi

NOKUBONGWA PHENYANE

UBAMBA uyayeka awazi nokuthi uzosikhiphela kuphi isidumbu sendodana yawo eshone ngemuva kokuvukwa isifo sokuwa ibhema ugwayi kwase kuthungeleka umbhede kwasha wonke umuzi umndeni wakwaMbuyane KwaMashu esigcemeni sakwa C.

Lo mndeni kumanje awukhanyise makhandlela ngenxa yokuthi kushe yonke into nokugcine ngokuthi uthathwe uyiswe ehholo lomphakathi lapho uqube khona okwesikhashana

UMnuz Sipho Mbokazi (44), kuthiwa ushe waphela kade kungakapheli nesikhathi esingakanani unina emdonse ngendlebe ngokuthi njengoba engumuntu ogulayo angabobhema uma elala ngoba kungenzeka kuthungeleke umlilo kushe umuzi.

Ngokusho kukanina uNkk Bekiwe Mbuyane (80), indodana yakhe ubehlala eyiluleka ngobungozi bokubhema ugwayi uma isilala.

Uthi lawo mazwi akhe akawagwinyanga ngemuva kwalokhu njengoba kwenzeke lokho abemxwayisa ngakho.

NO mbuyane2 Ikhansela uLucky Mdlalose emzini kaNKK Bekiwe Mbuyane oKwaMashu oshile. Isithombe: PATRICK MTOLO INLSA

Uma echaza ngosizi olumvelele uthi sebelala indodana yakhe wayibona iwokhela ugwayi wayitshela ukuthi ayiphume phandle.

“Ngahamba ngangena ekamelweni lami ngamdonsa ngendlebe ukuthi angalokothi alale nalogwayi wakhe embhedeni. Ebusuku ngizwe ngomzukulu wami elokhu ekhwehlela ngingazi ukuthi yini ebidala lokho,” kusho uNksz Mbuyane.

Uthi ingane iqhubekile nokukhwehlela isimkhahlela kubonakala ukuthi khona okungayiphethe kahle kodwa ekugcineni wavuka wabona kukhanya indlu yonke ilangabi lomlilo.

“Ingane ibisingikhahlela ngaze ngavuka. Ngithe ngivula amehlo ngabona umlilo ususabalele yonke indlu. Ngivukile ngakhipha ingane ngaphindela endlini ngigaqa ngamadolo ngiyobheka yena undodana wami kodwa ngacabanga ukuthi uphumile wabaleka ngoba bekungaphenduli muntu,” kusho yena.

Uthe uze watshelwa ngomakhelwane ukuthi indodana yakhe ibingaphakathi endlini nathi uyasola ukuthi ivukwe kungufa kwayo yahluleka ukuphuma yasha.

UNkk Mbuyane ukhale kakhulu ngokuthi abazi nokuthi bazophumela kuphi njengoba umuzi ushe waphela nokuba bekhuluma yingenxa yekhansela lendawo abakuyo elibabhekile.

UMnuz Lucky Mdlalose ikhansela lakuyo leya ndawo lithe bazozama ngayo yonke indlela ukuthi bakwazi ukulungisa indlu ukuze umndeni ufihle ngoMgqibelo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.