Uxolisile obethi kujatshulwe ngokufa kwabanye abantu

Comment on this story
no Copy of Copy of st zama3 SITHUNYELWE uZama Khumalo uthi uyazisola ngakubhale kuFacebook.

Isixolisile indoda esebenzise inkundla yezokuxhumana, iFacebook, ithi kumele kujatshulwe kwenziwe idili ngokushona kwezingane ezingu-42 zabamhlophe ezashona eminyakeni engu-28 eyedlule.

UMnuz Zama Khumalo uthe usethola izinsongo ngenxa yalo mbhalo.

Iphephandaba iThe Times libike ukuthi uKhumalo (24), utshele abangani bakhe abangu-493 kuFacebook wakhe ukuthi uzothumela izimemo edilini alibize ngeBig Black Braai lokujabulela ukufa kwezingane ezingu-42 ezashona ngesikhathi ibhasi ezazihamba ngalo liphonseka edamini iWestden, eGoli, ngoMashi 27, 1985.

Idili lizokuba ngelesikhumbuzo sale nhlekelele. Kuzokuba khona oDJ kuqhunyiswe neziqhumane wena owabona kubhiyozwa ngoNcibijane.

Ngokwephephandaba, uNksz Katherine Shaddock, wethukile ebona lo mbhalo ngoba udadewabo naye washona kule ngozi.

Udadewabo uMary-Ann Miles, wayefunda uGrade 11 ngaleso sikhathi.

UKhumalo ku-status sakhe sakuFacebook ubhale namagama abafa abangu-24 kwabangu-42 ehambisana nombhalo othi “ukufa kwabo kuyabongeka Nkosi yami.”

Kuthiwa uzibiza ngentatheli yephephandaba iDaily Sun.

Abaphathi beDaily Sun bazihlangulile bathi uKhumalo akasasebenzi kuleli phephandaba.

Okhulumela i-SA Human Rights Commission, uMnuz Isaac Mangena, utshele iThe Times ukuthi bathole isikhalo ngalo mbhalo onobandlululo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.