MLUNGISI GUMEDE
U ZEHLISILE waxolisa umholi we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo obize uMengameli we-NFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi ngentombazane.
USabelo, onguNobhala we-ANCYL esifundazweni, ubizelwe emhlanganweni wubuholi be-ANC ngoLwesithathu bafike bamthethisa ngesenzo sakhe wabe eseyaxolisa.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe uSabelo bambizele emhlanganweni bambuza ukuthi kuyiqiniso yini lokhu abakuzwayo ukuthi ubize uNkk Magwaza-Msibi ngentombazane.
“UThanduxolo uvumile ukuthi kwashelela ulimi wabiza igama ayengaliqondile wase eyaxolisa,” kusho uNtuli.
Uthe badumele ngalesi sitatimende esibhekiswe kumuntu ongumama futhi ongumholi.
“I-ANC idlulisa ukuxolisa kwayo kumholi we-NFP naseqenjini lakhe ngalesi sitatimende sikaNobhala we-ANCYL. I-ANC inobudlelwano ne-NFP ngeke nangengozi sivumele ukuthi kube khona abaholi be-ANC abathunaza abaholi be-NFP noma ngabe iyiphi indlela,” kusho uNtuli.
USabelo ubekhuluma ohlelweni lwezindaba lwantambama Abasikibebunda oKhozini FM ngoMsombuluko ngesikhathi ebiza uNkk Magwaza-Msibi ngentombazane.
USihlalo we-NFP Youth Movement uMnuz Njabulo Mlaba wasabisa ngokuthi bazomthathela izinyathelo uSabelo uma engaxolisi ngakushilo.
UMlaba uthe inkulumo kaSabelo iphinde iveze isithombe sokuthi umengameli wabo ungundlovukayiphikiswa.
Ngesikhathi ethintwa yi Solezwe ngoLwesibili, uSabelo uphikile ukuthi ubize uNkk Magwaza-Msibi ngentombazane.
“Angikaze ngibize muntu mina ngentombazane. Ngingumuntu othanda uxolo njengoba negama lami lizisho, Thanduxolo,” uSabelo ucashunwe esho kanje.
Ilungu le-National Working Committee (NWC) ku-NFP, uMnuz Sphamandla Ntombela, lithe bayasamukela isixoliso sobuholi be-ANC KwaZulu- Natal.
UNtombela unxuse ukuthi uSabelo azozixolisela yena kumengameli neqembu ngesenzo sakhe.