NOKUBONGWA PHENYANE

UGCINE ekhonjwe indlela umsakazi wesiteshi somphakathi iVibe FM, esizinze KwaMashu ngemuva kokuthi yena nabanye kuthiwa badedele iqupha kumphathi siteshi.

NgoLwesithathu ntambama kuthiwa amanye amalungu esigungu esiphezulu athathe isinqumo sokuthi amxoshe lo msakazi emsebenzini ngemuva kwalesi sigameko.

UBheki Mthethwa obeshayela uhlelo uSikh’ embizeni, kuthiwa ugcine etshelilwe ukuthi akabone eze ngayo ngemuva kwalesi sigameko.

UMnuz Lucky Dlamini ukuqinisekisile ukuthi ubukhona lo mhlangano bathatha isinqumo sokuthi bamxoshe uMthethwa.

“Izizathu ezenze samxosha wukuthi uyathinteka ekubekweni kwami isandla futhi okunye wukuthi uzinqumele ukuvala ama-akhawunti ebhange okubekwa kulona imali yesiteshi ngaphandle kokusazisa thina,” kusho uDlamini.

NgoLwesihlanu uMthethwa namanye amalungu bagasele ezindlini zalo msakazo la bekuhleli khona ikomiti bezofuna incazelo yokuthi uDlamini uyithathe kuphi imali yokuthenga imoto entsha.

Laba kuthiwa bafike bafuna uDlamini njengoba bebemsola ngokuthi akabaholeli kodwa ushintsha izimoto.

Ngemuva kokunqakisana ngamazwi kuthiwa kusuke isidumo bagcina ngokuthi bashayane, bathukane, uDlamini waze watshelwa ukuthi uma eqhubeka nokungabaniki imali uzofa.

Ethintwa uMthethwa naye ukuqinisekisile ukuthi uxoshiwe.

“Ngalokhu abakwenzile bazama ukungivala umlomo. Ngiphatheke kabi impela ngokuxoshwa kodwa mina angikaze ngimshaye uLucky futhi ngangingekho eshaywa,” kusho uMthethwa.

Uthe kukhona imihlangano ekade ibanjwa engazi yena befuna ukuthi axoshwe futhi uyasola nokuthi lo R40 000 owawuyokhishwa nguDlamini bona bengazi yiwona lo athenge ngawo imoto.

Uthi uDlamini wathatha le mali ethi uyokhokha kwaSentech, nala beqashe khona eK-Cap kodwa akangabuya nobufakazi bokuthi wazikhokhela lezi zinto.