Uxwayisa amadoda oshiswe ngumkakhe

Comment on this story
no killer W . USALE namashashazi okubhunyelwa ngamanzi emzimbeni uMnuz Sipho Nzimande (okwesishuthekiwe), ogcina ngokumela kude nomuzi wakhe. UNzimande akavumelekile ukuba abeke umcondo wakhe kulesi sithabathaba somuzi asakhile eSnathingi eMgungundlovu. Izithombe: SHAN PILLAY

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

ISIXWAYISE amadoda ngobungozi bokushada nomuntu wesifazane ungamfundaka kahle indoda yaseSnathingi eMgungundlovu ethi ishiswe ngumkayo umzimba wonke ngamanzi abilayo.

UMnuz Sipho Nzimande (45) usesaba ukwenzakaliswa njengoba lona wesifazane emxosha nakwisithabathaba sakhe somuzi ayethi umakhela wona.

UNzimande utshele Isolezwe izolo ukuthi ‘uselala esihlahleni njengenyoni’ njengoba engazi ukuthi umkakhe uzogadla nini aqede ngempilo yakhe.

Usho lokhu emuva kokulala esibhedlela e-Edendale amasonto amabili kulandela ukubiliswa ngamanzi ngumkakhe okuneminyaka eyishumi beshadile.

no killerw1 UKHISHWE ngesango ngunkosikazi wakhe uSipho Nzimande kulesi sithabathaba somuzi asakhile eSnathingi eMgungundlovu .

UNzimande uthe akazi ukuthi yini eyenze umkakhe uPhikisiwe Mntungwa (ongazange asishintshe isibongo sakhe), wakhetha ukumbilisa ngamanzi ngoba selokhu kwaqala unyaka umkakhe ulala ekamelweni lezingane.

“Ngaphaphama esengibhunyele ngamanzi. Uma ngimbuza akazange angichazele ukuthi kungani. Wangivimba engalela ukuba ngiye esibhedlela. Njengoba engishise kanjena kufana nokuthi ungibulele. Manje nginovalo lokuthi angazama ukuqeda ngempilo yami,” kusho uNzimande.

Lo wesilisa osebenza kumasipala aphinde abe nebhizinisi lokukhanda izimoto eduze komuzi wakhe akavumelekile ukubeka umcondo wakhe khona njengoba unkosikazi wakhe abanezingane ezimbili naye ethi akamfuni nalapho ehambe khona.

Uthe ufuna ukuxwayisa abanye abantu besilisa ukuba bangashadi nabantu abangabazi ukuthi bayinhloboni ka‘pende’.

“Ngifuna abanye abantu besilisa bafunde kumina khona bengeke balenze iphutha lokushada umuntu bengakamboni kahle ukuthi ungumuntu onjani. Ngangizitshela ukuthi izokwakhwa umuzi wasekhaya inkosikazi kodwa isikhombisile ukuthi akunjalo. Ontanga yethu kumele bamqaphele ngempela umuntu abamshadayo,” kusho yena.

Njengoba kuqala inyanga yabantu besifazane uthe kubalulekile ukuba kuhlale obala ukuhlukunyezwa kwakhe yinkosikazi.

no killer w2 UXWAYISE abanye abantu besilisa ukuba bengaganwa ngabesifazane abangabazi ukuthi bangabantu abanjani uSipho Nzimande obhucuke umnzimba wonke nomhlane ebhunyelwa ngunkosikazi ngamanzi abilayo, wamshaya nangepulangwe ekhanda elele. Isithombe: SHAN PILLAY .

Akukhona okokuqala bengazwani njengoba inkosikazi ike yafaka incwadi yasenkantolo ukuba angaphinde alubhade emzini wakhe ikhala ngesibhaxu kumyeni wayo.

“Ngabona ngequlu lamaphoyisa sengizoboshwa, engivulele icala lokuthi ngimshayile. Okumangazayo uma ngithi akaveze lapho ngimshaye khona wahluleka ngoba wayeqamba amanga,” kusho uNzimande obeluxoxa ngosizi udaba lakhe.

Uthi umkakhe akasebenzi wondliwa nguye. Kuyamangaza ukuthi kungani engasifaki isehlukaniso uma engasamthandi.

“Kuyangimangaza ukuthi umkami akasangithandi kodwa izinto zami uyazithanda. Izingane zize zangenelela, zithi asihlukanise kodwa yena akafuni ukwenza lokho futhi akangidingi emzini wami,” kusho yena.

Imizamo yeSolezwe yokukhuluma nomkakhe ayiphumele-langa. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa okuthe emuva kwesikhathi esezanywa futhi, bese luvaliwe.

UNzimande uthe lolu daba walubika emaphoyiseni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.