CLOSE AD
Advertisement
logoSections

Uxwayisa amadoda oshiswe ngumkakhe

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

USALE namashashazi okubhunyelwa ngamanzi emzimbeni uMnuz Sipho Nzimande (okwesishuthekiwe), ogcina ngokumela kude nomuzi wakhe. UNzimande akavumelekile ukuba abeke umcondo wakhe kulesi sithabathaba somuzi asakhile eSnathingi eMgungundlovu. Izithombe: SHAN PILLAY

ISIXWAYISE amadoda ngobungozi bokushada nomuntu wesifazane ungamfundaka kahle indoda yaseSnathingi eMgungundlovu ethi ishiswe ngumkayo umzimba wonke ngamanzi abilayo.

UMnuz Sipho Nzimande (45) usesaba ukwenzakaliswa njengoba lona wesifazane emxosha nakwisithabathaba sakhe somuzi ayethi umakhela wona.

UNzimande utshele Isolezwe izolo ukuthi ‘uselala esihlahleni njengenyoni’ njengoba engazi ukuthi umkakhe uzogadla nini aqede ngempilo yakhe.

Usho lokhu emuva kokulala esibhedlela e-Edendale amasonto amabili kulandela ukubiliswa ngamanzi ngumkakhe okuneminyaka eyishumi beshadile.

UNzimande uthe akazi ukuthi yini eyenze umkakhe uPhikisiwe Mntungwa (ongazange asishintshe isibongo sakhe), wakhetha ukumbilisa ngamanzi ngoba selokhu kwaqala unyaka umkakhe ulala ekamelweni lezingane.

“Ngaphaphama esengibhunyele ngamanzi. Uma ngimbuza akazange angichazele ukuthi kungani. Wangivimba engalela ukuba ngiye esibhedlela. Njengoba engishise kanjena kufana nokuthi ungibulele. Manje nginovalo lokuthi angazama ukuqeda ngempilo yami,” kusho uNzimande.

Lo wesilisa osebenza kumasipala aphinde abe nebhizinisi lokukhanda izimoto eduze komuzi wakhe akavumelekile ukubeka umcondo wakhe khona njengoba unkosikazi wakhe abanezingane ezimbili naye ethi akamfuni nalapho ehambe khona.

Uthe ufuna ukuxwayisa abanye abantu besilisa ukuba bangashadi nabantu abangabazi ukuthi bayinhloboni ka‘pende’.

“Ngifuna abanye abantu besilisa bafunde kumina khona bengeke balenze iphutha lokushada umuntu bengakamboni kahle ukuthi ungumuntu onjani. Ngangizitshela ukuthi izokwakhwa umuzi wasekhaya inkosikazi kodwa isikhombisile ukuthi akunjalo. Ontanga yethu kumele bamqaphele ngempela umuntu abamshadayo,” kusho yena.

Njengoba kuqala inyanga yabantu besifazane uthe kubalulekile ukuba kuhlale obala ukuhlukunyezwa kwakhe yinkosikazi.

Akukhona okokuqala bengazwani njengoba inkosikazi ike yafaka incwadi yasenkantolo ukuba angaphinde alubhade emzini wakhe ikhala ngesibhaxu kumyeni wayo.

“Ngabona ngequlu lamaphoyisa sengizoboshwa, engivulele icala lokuthi ngimshayile. Okumangazayo uma ngithi akaveze lapho ngimshaye khona wahluleka ngoba wayeqamba amanga,” kusho uNzimande obeluxoxa ngosizi udaba lakhe.

Uthi umkakhe akasebenzi wondliwa nguye. Kuyamangaza ukuthi kungani engasifaki isehlukaniso uma engasamthandi.

“Kuyangimangaza ukuthi umkami akasangithandi kodwa izinto zami uyazithanda. Izingane zize zangenelela, zithi asihlukanise kodwa yena akafuni ukwenza lokho futhi akangidingi emzini wami,” kusho yena.

Imizamo yeSolezwe yokukhuluma nomkakhe ayiphumele-langa. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa okuthe emuva kwesikhathi esezanywa futhi, bese luvaliwe.

UNzimande uthe lolu daba walubika emaphoyiseni.

SHOW ALL
Advertisement
Twitter Olympics Feed