Advertisement

Uyacula ngokufa kwabe-NFP

MLUNGISI GUMEDE

UHLANZA amaqiniso umsolwa okuthiwa uzivumela yena ukuthi nguyena oqotha ngenhlamvu amakhansela e-NFP ngemuva kokuboshwa kwakhe ngoLwesibili ntambama.

Lo msolwa, oneminyaka engu-40, igama lakhe elingeke lidalulwe kuze kube uvela enkantolo namhlanje, uboshwe amaphoyisa aphenya ngamacala abucayi, i-Greytown Task Team. Umsolwa ubanjwe eVryheid nesibhamu somsebenzi kodwa ephethe izinhlamvu ezingekho emthethweni. Asengu-21 amalungu e-NFP asebulewe KwaZulu-Natal.

Kuthiwa uzivumele yena emaphoyiseni ukuthi nguyena onesandla ekufeni kwabaholi abaziwayo be-NFP.

Umsolwa kuthiwa uphinde watshela amaphoyisa ukuthi wayeyingxenye yetulo lokubulawa kwelinye futhi ikhansela laleli qembu eNquthu kodwa waphika ukuthi nguyena qobo owadubula.

Umthombo weSolezwe osethimbeni labaphenyi uthe kuzothuka abantu abaningi uma sebebopha ufishi omkhulu okunguye ungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulala ozakwabo.

“Angeke liphele leli sonto singambophile umsolwa omkhulu,” kusho umthombo.

Esithangamini sabezindaba izolo, uSihlalo kazwelonke we-NFP uMnuz Maliyakhe Shelembe umemezele ukuthi uMnuz Mkhonzeni Ntuli, Nksz Nonsindiso Dlamini noMnuz Mlindeli Mchunu sebexoshiwe njengamakha-nsela eqembu kulandela ukuthinteka kwabo ecaleni lokubulawa kozakwabo.

UNtuli, uNksz Dlamini noMchunu bebebhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala sekuphinde wengezwa elinye icala lokubulala.

SHOW ALL
Advertisement