Uyalulama u-R Mashesha weBig NUZ

Comment on this story
NO_no big nuz0 . U-R MASHESHA (okwesokudla) uthi useyayowuphosa umbalane. Lapha wathathwa nozakwabo uMampintsha (ophakathi) noDanger

SANDILE MAKHOBA noFANELESIBONGE BENGU

SEKUSEDUZE ukuthi liphinde libonakale esiteji ilungu lekwaito, iBig NUZ, ebelisabanjwe ngukugula.

USbusiso Khomo, odume ngelika-R Mashesha, uthe abalandeli bakhe abebekhathazekile ngaye bangabe besakhathazeka njengoba eselulama futhi esezobuyela ngokugcwele eqenjini.

Muva nje iBig Nuz emicimbini ibisibonakala namalungu amabili kuphela uMampintsha noDanger ngenxa yokuthi u-R Mashesha ubexinwe ngukugula, esayompontshwa amanzi emaphashini.

Sekuphele cishe izinyanga ezinhlanu u-R Mashesha engabonakali lapho kuhlanganyele khona iBig NUZ.

Uveze izindaba zokuthi usezobuya ngokugcwele kwiBig NUZ ngenkathi Isolezwe limvakashele eMlazi, yize ebebonakala ukuthi kade egula kodwa ubebukeka esebuyela esimeni abekusona esengumqemane.

“Yize bengingabonakali nozakwethu kodwa angikaze ngiyeke ukusebenza njengoba bengiqhubeka nokubhala izingoma futhi bengiba yingxenye yokuhlela eminye imicimbi ye-Afrotainment (okuyinkampani abaqopha ngaphansi kwayo) njengalo obuseNewcastle ngempelasonto,” kusho u-R Mashesha.

Ngesikhathi engabonakali lo mculi kuze kwasabalala ku-Twitter nakwezinye izinkundla zokuxhumana ukuthi useshonile futhi ubulawe yigciwane lengculazi.

“Kusho ukuthi ngisekude ukufa kodwa angisazinaki izinto ezibhalwa ezinkundleni zokuxhumana. Uma ungaphika nazo ungaze uzilengise.”

Lezi zintatheli zichithe naye cishe amahora amathathu eMlazi kwenye yezindawo zokuwasha izimoto lapho khona lo mculi ebeyowasha khona imoto yakhe abezishayelela yona.

Njengoba ubesebuyele ekhaya ukuyohlala nonina ngenxa yokungaphatheki kahle, uthe ngesonto elizayo uzobuyela emzini weBig Nuz ukuze ayoqala ukusebenza nozakwabo.

Uveze ukuthi iBig Nuz izokhipha ngonyaka ozayo futhi ezinye zezingoma sezikhona.

U-DJ Tira, ongumphathi we-Afrotainment, uthe emasontweni amabili azayo uzoqala ukubonakala esiteji u-R Mashesha.

“Kunengoma ekwi-albhamu yami ethi Summer Time acula kuyo u-R Mashesha sizoqopha i-video yayo naye ekhona njengoba eselulama,” kusho uTira.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.