Uyashuba umbango wesikaMkhize

Comment on this story
Copy of NO_NO SENZO MCHUNU0~1 INLSA UMnuz Senzo Mchunu ophakanyiswe|yi-ANCWL ekubeni yiphini likaNobhala wesifundazwe.

CELANI SIKHAKHANE

NJENGOBA sezihubela sakusha ngesikhundla sikaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal kubonakala ushuba umbango ngesikhundla esiphethwe uDkt Zweli Mkhize.

Uphiko lwabesifazane be-ANC esifundazweni luthathe isinqumo sokuba lukuhoxise ukweseka uSomlomo wesiShayamthetho, uNkk Peggy Nkonyeni, ekutheni abe nguSihlalo kaKhongolose kodwa lwaphakamisa uMnuz Willies Mchunu okumanje uyiphini likaMkhize.

Lokhu kwenzeke emhlanganweni we-ANCWL wesigungu sesifundazwe uphiko olukhiphe kuwo uhlu lwamagama abaholi elifuna bakhethwe engqungqutheleni yesifundazwe ezoba ngoMashi.

Unobhala we-ANCWL, uNkk Nonhlahla Khoza, uthe igama likaNkk Nkonyeni livelile ngesikhathi bebhunga ngodaba kodwa kwabuye kwathathwa isinqumo sokuba lihoxiswe ngoba usadingeka ekubeni wuMgcinimafa we-ANC eKZN.

Uthe bavumelane ngokuthi uMnuz Willies Mchunu abe nguSihlalo, bese esekelwa wuNksz Nomusa Dube, bese kuthi uMnuz Senzo Mchunu akhethwe njengephini likaNobhala yize ayengunobhala phambilini.

Copy of NO_no nkonyeni0~1 Unkk Peggy Nkonyeni okhale ngaphansi ku-ANCWL. Group

“Esivumelene ngakho wukuthi silande uSenzo Mchunu ekutheni azoba yiphini likaNobhala ngoba siyayazi imisebenzi yakhe kusuka ethatha i-ANC ezoyibeka ezingeni ekulo njengamanje ngesikhathi esenguNobhala.

“UWillies Mchunu yena simbona edingeka ekutheni adale ubumbano kumadlelandawonye nanokuthi ungumuntu ongumkhombandlela ku-ANC obaluleke kakhulu,” kusho uNkk Khoza.

Uthe abakuqaphele ngoNkk Nkonyeni wukuthi ukhombise ukuzikhandla kulesi sikhundla akuso sokuba wumgcinimafa nokuholele ekutheni i-ANC izuze okuningi.

I-ANC kuzothi ngoMashi 8-10 ibe nengqungquthela yesifundazwe ukuze kukhethwe abaholi abasha ukuvala isikhala sikaMkhize.

Ngakolunye uhlangothi, uSenzo Mchunu uthwelwe ngeqoma yizifunda eziningana okubalwa kuzo iMoses Mabhida, Lower South Coast nezinye.

Abaholi baseMoses Mabhida, uMnuz Alpha Shelembe noMnuz Supa Zuma, batshele Isolezwe ukuthi isinqumo esithathiwe ezinhlakeni zabo wukuthi bafuna uSenzo Mchunu ahole isifundazwe.

Copy of NO_NO WILLIES0~1 UMnuz Willies Mchunu i-ANCWL efuna ukuthi avale isikhala sikaDkt Zweli Mkhize. INLSA

“Sihlanganile nazo zonke izinhlaka ze-ANC esifundeni sethu kusuka emazingeni amagatsha savumelana ukuthi sifuna uSenzo Mchunu abe ngusihlalo. Ezinye izikhala asizazi ngoba isikhundla okumele sivalwe sisodwa – esikaSihlalo kuphela,” kusho uZuma.

ITheku, ngomlomo kaNobhala walo uMnuz Bheki Ntshangase, lithe ibingakaluxoxi udaba, ngakho alikabibikho igama asebeliphakamisile.

Abanye abaholi bakhombise ukungayizwa kahle indaba ye-ANCWL yokuphakamisa uSenzo Mchunu ekubeni yiphini likaNobhala, bathi lokhu kufana nokweyisa.

Bebesho nokuthi kumele kwaziwe ukuthi ingqungquthela akuyona eye-ANCWL kodwa ekaKhongolose. I-SACP yona ithi asikho isidingo sokuthi kuphakanyiswe amagama kwesikaSihlalo ngoba ukhona uMnuz Willies Mchunu oyiphini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.