Uyatanasa uthokozela amahora engeziwe uShaik

Comment on this story
no Copy of ND SHAIK 1 Ex-QDMS Schabir Shaik

intatheli yesolezwe

ISIQUMAMA sikasomabhizinisi waseThekwini uSchabir Shaik (osesithombeni) owalahlwa ngamacala enkohlakalo, uyatanasa uthokozela izithelo zikashwele othanjisiwe.

UKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal, uMnikelwa Nxele, izolo uthe uShaik uhlonzwe njengesiboshwa esingeyona ingozi ngakho amahora akhe angaphandle aseluliwe, unesamahora amane ngosuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine. Uzothola amahora ayisishiyagalolunye ngoLwesihlanu namanye engeziwe ngezimpelasonto.

UNxele uthe: “Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine uzokhululeka kusukela ngo-1 emini kuya ku-5 ntambama. Amahora angoLwesihlanu uzokhululeka kusuka ku-10 ekuseni kuya ku-7 ebusuku ukuze akwazi ukufeza izidingo zakhe zokwenkolo yakhe. NgoMgqibelo uzokhululeka kusukela ngo-11 ekuseni kuya ku-7 ebusuku. NgeSonto kuzoba ngu-1 emini kuye ku-10 ebusuku.”

Ngesikhathi uShaik ekhululwe ngoshwele wokugula ngo-2008, wayevumeleke ukuthi ahambe amahora ayisithupha njalo ngeMgqibelo phakathi kuka-11 ekuseni no-5 ntambama, emuva kwalokho kwakudingeka ebe esebuyile emzini wakhe oseMorningside eThekwini. NgoLwesihlanu wayevumeleke ukuba ayothandaza, enikwa amahora amane. Kodwa ngoDisemba 2009, uShaik uphucwe amahora amane kulawo mahora ayisithupha ayewathola. Waphucwa emuva kokubonakala acanasa ezipepenyekela ezitolo eThekwini ngesikhathi okwakungavumelekile abe ngaphandle komuzi wakhe ngaso.

Wenqatshelwa ukuvakashela udokotela wakhe lapho esebenzela khona, kwadingeka ukuba elashelwe kwakhe noma endaweni eyayizoshiwo yi-Parole Officer.

UNxele uthe uShaik usaqashwe ngelokhozi ngobhekele ushwele okunguye oletha umbiko njalo eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweziMilo. Nobheke ushwele ngeke esamvakashela njalo njengakuqala, usezomhlola kanye emuva kwenyanga.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.