Uyavela osolwa ngokuqotha amalungu eNFP

Comment on this story
NO_khubisa0 INLSA UNOBHALA we-NFP kuzwelonke uSolwazi Nhlanhla Khubisa ukushayele ihlombe ukuzinikela emaphoyiseni kosolwa ngokuqotha amakhansela e-NFP. Lapha wathathwa enomholi weNFP uNkk Zanele Mgwaza-Msibi.

MLUNGISI GUMEDE

SIZINIKELE emaphoyiseni isikhulu esiphezulu eMkhwandlwini waseMzinyathi esiyikhansela le-NFP esisolwa ngokuba ngungqondongqondo emacaleni okusoconga ozakwabo kulo mkhandlu.

Lesi sikhulu esineminyaka engu-56 ubudala sizinikele esiteshini samaphoyisa saseGreytown ngoMsombuluko.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMsinga namhlanje mayelana namacala amabili okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nelokubopha itulo lokubulala.

Ukuboshwa kwalesi sikhulu, kulandele ukuboshwa kukaMnuz Mzonjani Mgwaba (41) osanda kuzivumela yena emaphoyiseni ukuthi nguyena oqotha ngenhlamvu amakhansela aleli qembu kulo mkhandlu waseMzinyathi.

Ngaphambi kokuthi aboshwe uMgwaba ubengunogada walesi sikhulu esizinikele emaphoyiseni.

Ukuboshwa kukaMgwaba kwalandelwa wukukhalelwa ngamasongo kaSigonyela kwamakhansela amathathu e-NFP mayelana namacala okubulala ozakwabo.

La makhansela amathathu nawo azivumela emaphoyiseni ukuthi ayathinteka ecaleni lokubulawa kwalowo obenguSihlalo we-NFP eMsinga uMnuz Bongani Shelembe nalowo obenguNobhala woPhiko lwentsha uNksz Lungisile Zuma. UShelembe noNksz Zuma balalelwa unyendle badutshulwa ngoMeyi 1.

Ubuholi obuphezulu be-NFP buthathe isinqumo sokuwaxosha la makhansela ngemuva kokuzivumela emaphoyiseni ukuthi ayathinteka emacaleni okubulawa kozakwabo.

Sebebahlanu abasolwa asebeboshiwe mayelana namacala okubulawa kwamakhansela e-NFP emkhandlwini waseMzinyathi.

UNobhala we-NFP kuzwelonke uSolwazi Nhlanhla Khubisa ukushayele ihlombe ukuzinikela kwalo msolwa emaphoyiseni.

“Sifuna ukuthi amaphoyisa aphenye aze afike ekujuleni kokubulawa kwamakhansela ethu,” usho kanje.

UKhubisa uthe bazophinde balandele imigudu yangaphakathi eqenjini bathathe izinyathelo njengoba benzile nasemakhanseleni azivumela wona ukuthi ayathinteka ekubulaweni kozakwabo.

Asengu-24 amalungu e-NFP asebulewe kusukela iqembu lasungulwa ngonyaka odlule.

Okhulumela amaphoyisa asifundazweni uLt Colonel Vincent Mdunge ukuqinisekisile ukuzinikela kukamsolwa emaphoyiseni.

UMdunge uthe umsolwa uzobekwa amacala amane, amabili okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nokubopha itulo lokubulala.

“Lo msolwa esithola ukuthi ubesatshwa eMsinga ngoba engushayasibhamu ugcine ezinikele kwabomthetho ngoba ebona ukuthi amaphoyisa amfuna uthuli,” usho kanje.

Uthe uthinteka ecaleni lokubulawa kukaMnuz Shelembe noMnuz Thulebona Nhlebela obeyikhansela le-NFP eNquthu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.