CHARLES KHUZWAYO

SITHUKUTHELE sithelwa ngezibonkolo isihlabani somculo kamaskandi, uThokozani “Somnandi” Langa, kulandela ukuzwa izindaba zokuthi imbangi yaso uMtshengiseni “Ndidane” Gcwensa ucula ngoyise uNumber 4.

Le ngoma esihloko sithi Number 4 ikwi-albhamu yakhe uMtshengiseni entsha ethi Amangqim’ngqimu ekhishwe izolo eGoli kodwa ezoqala ukutholakala KwaZulu-Natal namhlanje.

Yize uMtshengiseni ephika ukuthi ucula ngobaba kaSomnandi kodwa uSomnandi uyakugcizelela ukuthi nguyise kuphela uNumber 4.

“Akekho omunye uNumber 4 engake ngezwa ngaye ngaphandle kukababa. Uma kuwukuthi ukucula ngobaba kuzomsiza uMtshengiseni ekuxosheni ikati eziko, kulungile kodwa yimbi le nto ayenzayo. Akuculwa ngomuntu engasekho. Okubuhlungu ubaba wayengaculi. Akasathintanga mina kuphela ngokucula ngobaba kodwa usethinte abantu abaningi okungabafowabo, izingane zakhe nezihlobo zakhe,” kusho uSomnandi.

Echaza ngale ngoma uMtshengiseni uthe yena akaqondise kumuntu kodwa uzicikozela ngolimi ngale namba.

“Ngithi mina nginenkinga ngale namba ewu-4. Kuthiwa ekhaya ngaqala ukugula nginezinyanga ezine, ngaqala ukuhlakanipha ngineminyaka emine, kuma-Satma Awards ngo-2008 ngaqokwa emikhakheni emine, ngithi ngidlala umshayina ngiphazanyiswe ngu-number 4, noma ngidlala amadayisi ngihlulwa ngu-number 4 kanti nakwi-lotto ngihlulwa ngu-number 4. Akukho lapho ngikhuluma khona ngobaba kaThokozani. Yena uma enenkinga ngendlela engicikoza ngayo, akavele akhohlwe ngoba uma ephika nami uzoze aphathwe yikhanda. Ngisho ngoba ngisazoqhubeka nokucikoza ngokunye,” kuchaza uMtshengiseni.

USomnandi noMtshengiseni kade bengamathe nolimi futhi baze baqopha izingoma ngokuhlanganyela ngesikhathi kusaphila uMgqumeni noBhekumuzi.

Ngaleso sikhathi uMtshengiseni wayengazwani noMgqumeni ekubeni uSomnandi wayengazwani noBhekumuzi.

Le ngxabano yalaba baculi yagcina idlule nemiphefumulo eminingi emahostela aseGoli.

Lo msindo waze wadanjiswa wukungenelela kowayengumphathi woKhozi FM uBhodloza Nzimande, nomsunguli wama-Satma Awards uDumisani Goba ngokuvala umculo walezi zihlabani emsakazweni nakulo mqhudelwano.

Kuze kube yimanje akucaci ukuthi yini eyaqhatha uSomnandi noMtshengiseni ngoba akekho ophumela obala ukuthi kwaba yini isisusa.