NONTUTHUKO NGUBANE
U MSAKAZI omusha omhlophe we-East Coast Radio oqeqebula isiZulu uthi wasifunda emncane ngenxa yokuthi uyazifela ngalolu limi.
UKeri Miller (33), osanda kubuya eKapa, ushayela uhlelo lwangempelasonto, ngoMgqibelo nangeSonto kusuka ngo-2 ntambama kuya ku-6 ntambama.
Uma ezichaza uKeri uthi uyisiphalaphala esiziqhenyayo ngokuzalwa KwaZulu-Natal.
IsiZulu, asifunda waze wafinyelela enyuvesi, usikhuluma kuhle komuntu owasincela ebeleni.
Le ntokazi yafunda eDurban Girls High ngaphambi kokuba iye e-University of KwaZulu-Natal lapho yasifunda khona isiZulu yaze yafinyekeka ezingeni le-Honours.
“Ngaqala ngina-19 ukusifunda isiZulu. Ngasithanda kakhulu ngagcina sengifundisa abanye,” kusho uKeri.
Ebuzwa ngokuthi uzizwa kanjani ngokuba yingxenye yomndeni weEast Coast Radio uKeri uthe: “Ngijabule ngendlela eyisimanga. Iphupho lami selifezekile.”
UKeri uthemba ukuthi uzokwazi ukusebenzisa uhlelo lwakhe ukwenza umehluko empilweni yabantu.
“Ngiyathemba ukuthi kulo msakazo ngingasebenzisa izwi lami ukugqugquzela abantu ukuthi bashintshe impilo yabo ibe ngcono,” usho kanje.
UKeri, ohlala eMorningside, eThekwini, uthe ubonga abazali bakhe ngokumkhulisa aze abe yilo muntu anguye namhlanje.
“Umama uwuthishanhloko, wangifundisa ukuba nobulungiswa, iqiniso nokuphatha abantu ngendlela efanayo. Ubaba ungusomabhizinisi. Ngakhula ngimbona ezikhulisa kusukela phansi.
“Wangifundisa ukubaluleka kwemali nokuthi imali ayikhona konke empilweni,” kusho uKeri.
Uthe ukukhonzile ukuhamba ngezinyawo nokuya olwandle.
“Ngithanda ukuhamba ngezinyawo kanti ngiyathanda nokuya olwandle, ukwenza i-yoga kanye nokusakaza,” kusho uKeri.
Lo msakazi uthe uyabuthanda ubumnandi nomculo.
Uthe uzogxila ekudedeleni umculo ohlelweni lakhe njengoba vele kusuke kuyimpelasonto abantu bezikhululekele.
Encokola uthe angakujabulela ukuthandana nozwakwabo osakaza uhlelo lwasekuseni uDarren Maule.