MINENHLE MKHIZE
Z IYANDA izinkinga zikababa wowayeyisilomo se-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa ongakayitholi imali yokushona kwendodana yakhe.
UMnuz Sam Meyiwa obehambele umngcwabo kaMondli Cele obegijima kuMaritzburg United utshele leli phephandaba ukuthi akakayitholi imali yokushona kukaSenzo.
Ngonyaka odlule usihlalo weBucs nePremier Soccer League (PSL) u-Irvin “Iron Duke” Khoza watshela abezindaba ukuthi isiphumile imali yomshwalense kaSenzo kodwa ayikafinyeleli kubantu okumele iye kubona.
UMeyiwa udlule emhlabeni ngo-Okthoba ka-2014 evakashele unina wengane yakhe uKelly Khumalo kubo eVosloorus, eGoli.
“Sagcina sikhulumile naye usihlalo kodwa imali besingakayitholi. Indaba yemali kaSenzo inemcikilisho eminingi okufanele ilandelwe ngoba wayengayenzanga incwadi eyaba amafa. Sekufanele kuhanjwe nasezinkantolo ukuze izingane zabelwe kahle imali yazo. Njengamanje nami ngisalindile,” kusho uSam.
UMeyiwa washiya izingane ezintathu komama abahlukene. Imali okwakufanele itholwe ngumndeni kaSenzo ngokudlula kwakhe emhlabeni ilinganiselwa ku-R5 million.
“Bengingakaze ngitshelwe lutho ngosuku okuzodingidwa ngalo lolu daba lokuhlukaniswa kwemali yakhe enkantolo. Osekwenze izinto zahamba kancane kakhulu wukuthi sekulahleke umazisi wakhe nesitifiketi sokushona sikaSenzo. Zonke lezi zinto kwakumele zithunyelwe ngeposi ngokushesha kodwa zaduka. Nami angazi ukuthi zalahleka kanjani ngoba kukhona engangimthumile ukuthi kube nguyena ongithumelelayo. Umazisi yiwona ozonginika inkinga enkulu kwazise ngeke ngisakwazi ukwenza omunye. Singcono isitifiketi sokushona kwakhe ngizokwazi ukusenza kabusha. Le kamazisi kufanele umuntu azame ukuyilungisa,” kusho uSam.
Uyise kaSenzo ubehamba ngemoto yalo mdlali ebomvu ebhalwe ukuthi: Nzori GP. Uhlobo lwale moto yiVW Polo GTI
“Laba bantu abenza uphenyo yimina oze abakhumbuze ngoba uma ngithule nabo abangitsheli lutho. Selokhu sagcina ukukhuluma nabo ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Kuze kwasukuma mina ngesonto eledlule ngayokhuluma nabo. Baqale ukuthi bafike ngesonto eledlule ngemuva kwezinyanga eziyisithupha sagcina ukukhuluma. Noma befikile ayikho into ebambekayo abayishoyo. Le nto yabo sengathi ayikho. Ngiyasola ukuthi bayagwazelwa laba bantu. Ibuhlungu le nto,” kusho uSam.
Uyise kaMeyiwa usephenduke isilomo kubathandi bebhola eNingizimu Afrika kwazise bebemfuna ngapha nangapha befuna ukuthatha naye izithombe.
“Kubuhlungu ukubona laba bafana okuyibona abasinakekelayo, bedlula emhlabeni. Yingakho ngize lapha emngcwabeni ngizokhalisana nomndeni wakwaCele. UMondli ubewusizo olukhulu. Okwami kubuhlungu kakhulu ngoba angazi ukuthi umfana wami wafa kanjani ebulawa ngobani. Ekugcineni akwenzeki lutho. Nasebusuku phakathi kwamabili uma ngithi ngiyalala ngivele ngicabange ngale ndaba. Izinyembezi zizehlele zona,” kusho uSam.