AMAJAJI nonompempe besibhakela bahlale benengcindezi yokukhipha izinqumo ezizojabulisa abalandeli abavamise ukugcwala amahholo bezobukela amankomane. Lo msebenzi kubukeka kungewona owamagwala ngoba kwesinye isikhathi isinqumo sishiya ababukeli bempi bekhihla isililo. U- Eric Khoza(53) ozalelwe, wakhulela eLamontville uyinkunzi emidwayidwa ekuphathweni kwezimpi zesibhakela. Njengenjwayelo uKhoza ungelinye “lamakhehla” avulelekile esibhakeleni futhi uhlale ekulungele ukusiza lapho edingeka khona. Ngesikhathi sikhuluma naye usheshe wakucacisa ukuthi uma eseseringini (uma engunompempe) uyayikhohlwa eyabalandeli, abheke amabhokisa. Uqale isibhakela esengumfanyana omncane, ezimisele ukulwa esigabeni esikhokhelayo ngelinye ilanga. Kodwa uyise owayengumfundisi, wayengayizwa leyo ngoba ekholwa wukuthi ujimela ukushaya abantu. Lokho kwaholela ekutheni ngesikhathi sekushone uyise acele kunina ukuthi aqhubeke nesibhakela nalapho aqoka ukuthatha izifundo zokuphatha izimpi.
UZakhele Xaba noKhoza baxoxe ngomsebenzi wakhe wokuba ngunompempe nokuba yijaji lesibhakela.
ZAKHELE XABA (ZX): Umsebenzi wokuphatha izimpi udinga umuntu onjani?
ERIC KHOZA (EK): Udinga umuntu ophansi, ozithobile futhi ovulelekile nowuthandayo umdlalo wesibhakela. Lokho kubalulekile ngoba kwesinye isikhathi udinga ukunikeza iziyalo kubashayisibhakela uma bezidinga, ngaleyo ndlela kufanele ungeneke. Akudingeki ngempela ukuphakama. Kubalulekile futhi ukuqala esigabeni sama-amesha ukuze uzokwazi ukuthi kwenzekani. Kumele uwazi umehluko phakathi kwesibhakela noma ibhokisa lishaya “ngempama”. Lokho kusiza ngokuthi wazi izindawo okungavumelekile ukushaya kuzo.
ZX: Amajaji nonompempe bahlale begxekwa ngokusebenzela ekhaya okuwukwenzelela ibhokisa elisuke lilwela ngakubo. Uthini ngalokho?
EK: Leyo nto izosibulala isibhakela nekusasa lebhokisa ngoba uma selifika phesheya lizoba yihlazo. Kufanele sibe namabhokisa azokwazi ukuwina ngomngqimuzo womlalisa phansi. Angikukhuthazi ukududula amabhokisa. Thina majaji akufanele sicheme. Uma ubona kunzima ukukhipha owinile kufanele ubheke ezinye izinto ezifana nokunyakaza kwebhokisa eringini neliphonse izibhakela eziningi kunelinye.
ZX: Ubuye ugxekwe ngokuziba i-gumshield uma ibhokisa liyiwisa njalo. Kunabaqeqeshi abathi uyaliziba ithawula uma bephonsela amabhokisa abo, bewalamulela. Ngabe kunjalo?
EK: Isibhakela umdlalo okufanele uthokozelwe ngabalandeli. Kubalulekile ukuthi amabhokisa asayine izinkontileka zokulwa ekulungele lokho. Angiyingeni indaba yomuntu ophonselwa ithawula engakatholwa nangesisodwa isibhakela. Yikho isibhakela besehlelwa ngabalandeli ngoba bebebabukisa into engekho. Eye-gumshield, angilindele ukuthi ibhokisa lilokhu liyiqathaza kungakapheli nemizuliswano emine. Uma ngilokhu ngimisa impi, kusho ukuthi ngincisha leli elinye ibhokisa ithuba lokuwina ngomngqimuzo womlalisa phansi. Amabhokisa ayazi ukuthi uma liwisa i-gumshield impi izomiswa.
ZX: Ngo-2012 wagcina uquliswa ngesinqumo owasikhipha empini eyayiphakathi kukaSimphiwe Mthethwa noPromise Cabe. Sitshele ngalokho.
EK: Kunjalo. Namanje ngisamile ngesinqumo engasithatha sokuqeda impi. UCabe wavuma phansi, ngambalela njengoba kufanelekile. Ngaze ngaqeda ukubala engavuki nokwakusho ukuthi uhlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi. Nangesikhathi sengibizelwe ukuzochaza, ngakusho lokho. Icala laqulwa ngoba ikhona likaCabe lalingenelisekile. Okuhle ukuthi uCabe wafika kimina emuva kwesikhathi wazoxolisa. Abantu kufanele bakuqonde ukuthi thina esisuke siseringini sibona kahle ikakhulukazi ibhokisa elisuke selishayekile.
ZX: HHmmm
EK: Kuwumsebenzi wethu njengonompempe ukubhekela isimo samabhokisa eringini. Isinqumo sami siwujuqu. Kufanele ngithathe isinqumo ngendlela engibona ngayo. Kunempi engisanda kuyiphatha (Thalente Zulu v Mhlengi Mhlongo). Umfana omncane (Mhlongo) obelwa impi yakhe yokuqala esibhakeleni esikhokhelayo ubebhekene nomuntu omdala. Bengiqaphile ngoba izibhakela bezihlala kabi kuyena kodwa aphendule kanzima nokwenze ngilokhu ngimnika ithuba. Ugcine ewinile. Siyawadinga amabhokisa anesibindi njengaye futhi impi ubeyilungiselele ngokuphelele.
ZX: Yibuphi ubunzima enihlangana nabo ekuphatheni izimpi?
EK: Kuhlale kunzima ukuphatha impi yamabhokisa abambanayo nangayiqondi kahle imithetho. Asikho isidingo sokuthi ngize ngiwahlukanise ngezandla amabhokisa uma esebambene kodwa uma sengimemezile ukuthi awahlukane kufanele azenzele lokho. Abantu abazi ukuthi nathi siyasithanda isibhakela. Kukhona impi ogcina uyithokozela nawe ungunompempe ngenxa yokuzimisela kwamabhokisa. Okunye abantu abayiqondi indlela esisebenza ngayo, baya ngothando lwebhokisa kanti thina siyakwazi okulindelekile.
ZX: Injani imali kulo msebenzi?
EK: Akufani khona. Uma kuyizimpi nje ezincane ukhokhelwa izindleko zokuhamba. Eyebhande laseNingizimu Afrika kutholakala u-R500 kuya phezulu. Kodwa uma uphethe izimpi zamabhande angaphandle uyawuthola u-R1500 kuthi amajaji athole u-R2000. Izimpi zomhlaba zikhokha u-R20 000 kuya phezulu. Sengisezingenii lokuphatha izimpi kulona lonke izinga okukhona eze-WBA, IBF, WBC ne-IBO.
ZX: Yikuphi okufanele kwenziwe ukubuyisa isibhakela KwaZulu-Natal?
EK: Kufanele kwande ophromotha ngoba maningi amabhokisa angalitholi ithuba lokulwa. Kubuhlungu ukuthi kunamabhokisa angene esigabeni esikhokhelayo nyakenye kodwa kuze kube yimanje awakaze angene eringini. Uma singathola osomabhizinisi abazoxhasa isibhakela angingabazi ukuthi izinga lingabuyela phezulu. Esikhundleni sokuthi osomabhizinisi baqulele imali kwa-SARS sebekhokha intela, kungaba ngcono ukuthi bayifake esibhakeleni.
Okunye ngoKhoza:
■ Uganwe uMaNdlovu
■ Unezingane ezintathu uNqobile, Nontando noSiphelele
■ Unabazukulu ababili abangamantombazane afisa ukubafaka kwezamankomane
■ Ungumvangeli esontweni i-Apostolic Faith Church.