Advertisement
X

Uyiswe ejele labayingozi uNaidoo

INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONDONGQONDO owagwetshwa ngecala lokuba nesandla ekubulaweni komndeni wakwaLotter, uMathew Naidoo (osesithombeni) usesusiwe ejele iWestville wayiswa ejele labenze amacala abucayi i-Bongweni ngaseKokstad.

Mathew Naidoo. Credit: INLSA

Leli jele lingelinye lahleli izigebengu eziyingozi emphakathini. Phakathi kwabantu abadonsa kuleli jele kubalwa uThozamile Taki owaduma ngokuba umalugaju waseMzinto owagwetshwa odilikajele abangu-13 ngokubulala abesifazane.

Izelamani zakwaLotter oNicolette noHardus babulala abazali babo uRieke noJohan Lotter ngo-2008 behlohlwa nguNaidoo owayezibiza ngendodana kaNkulunkulu.

UNaidoo waphika ukuthi nguyena owahlohla lezi zelamani kodwa zona zazilokhu zikhombe yena njengomuntu owenza zababulala.

Lezi zelamani zona azikasuswa eWestville. Kuthiwa uNaidoo ususwe ngoba ekhulume nabezindaba okuyinto ephikiwe yizikhulu zasejele.

UNaidoo udonsa odilikajele ababili, uNicolette yena wagwetshwa iminyaka engu-12, yaba yishumi kuHardus.

SHOW ALL
Advertisement