Advertisement

Uyosakazela eNew York oweMetro

UBUYELA phesheya umsakazi weMetro FM oshayela uhlelo lwantambama ngo-3 kuya ku-6 olwaziwa ngokuthi yiTouch Down.

UThabo Molefe odume ngoTbo Touch, owake washayela uhlelo lomculo ku-SABC 1 i-Live, ugcine ephumele obala ngokushiya kwakhe iNingizimu Afrika.

USEZOLUSHAYELA ephesheya uhlelo lwakhe uTbo Touch weMetro FM njengoba eseya kwi-Hot 97 yaseNew York. Credit: Group

Lo msakazi osezakhele udumo ngokuba nezingxoxo nabaculi baseMelika, uthi uhlale isikhathi eside efunda eNew York, wagcina esezakhele abangani abaningi.

“Bengihlezi ngibika ngezinto ezenzeka eMelika ezithinta ubumnandi kwiMetro FM njalo ngoMgqibelo, ngithe uma ngibuya ngangena kuwona lo msakazo,” kusho uTouch.

Uthe njengoba ehamba ngoSepthemba uya kwi-Hot 97 okuwumsakazo ohamba phambili eNew York nokuyido-lobha abevele ehlala kulona.

Uthe kulo msakazo ngeke abe nohlelo lwakhe kepha uyoshayela olwezemidlalo.

Uthe abalandeli bakhe mabangakhathazeki ngoba usazoqhubeka nokuzwakala kwiMetro FM enza lona lolu hlelo lwantambama.

“Umehluko ozokuba khona ngukuthi ngizobe ngilwenzela phesheya kwezilwandle. Engingakusho ukuthi abantu ngizobalethela izihlabani zaphesheya kuleli,” kusho uTouch, ozwana kakhulu nabaculi baphesheya abafana noJohn Legend, Akon, Keri Hilson nabanye.

Uthe ukufudukela kwakhe eMelika abantu kumele baku-buke njengento ezolekelela kakhulu endimeni yezomculo.

“Baningi abaculi abafuna ukuya phesheya abangazi ukuthi kumele benzenjani, uma belalela uhlelo lwami kwiMetro FM ngeke besaba nenkinga,” kusho uTouch.

SHOW ALL
Advertisement