INLSA
UGQUGQUZELA abaculi ukuthi baye esikoleni uZakes Bantwini ukuze bawuqonde kangcono umculo wabo. Isithombe: GUGU MQADI
FANELESIBONGE BENGU
UMCULI waseThekwini ongaconsi phansi kubathandi bomculo, uZakes Bantwini, usegxeke ophrojusa abaqophela emakamelweni bengawufundele umculo ngokuthi kabawazi umculo.
UZakhele Madida, odume ngelikaZakes, uthe abantu ngoba nakhu benekhompyutha ne-software yokuqopha bese benza ingoma bazitshela ukuthi bangophrojusa.
“Ungangizwa kabi, akukho kubi ukuqopha ekamelweni ngoba ziyaphuma izingoma ezimnandi khona kodwa inkinga iqala uma umuntu usumcela akuchazele ngengoma, namanothi awasebenzisile. Bayehluleka bese bedinga isizo kwabanye abantu. Lokho kwenza ukuthi bengabe besaba nomthelela otheni ekuhlanganisweni kwayo,” kusho uZakes.
UZakes uthe uhlale eshumayela ivangeli lokuthi abantu abawufundele umculo ngoba lokho kuzobenza bawuqonde kangcono.
Uthe yena uwufundele njengoba ephase izifundo zakhe zezomculo okubalwa kuzo ezokuphrojusa, ezokudlala izinsimbi, nezinye kanti uzothola iziqu ngonyaka ozayo.
“Umculo ngiwuthatha njengomsebenzi hhayi njengento yokuchitha isizungu. Ngifuna ukuba yisifundiswa kwezomculo nokuyingakho ngiwufunda.
“Ukuwufunda kwami kungisiza ngoba ngiyawuqonda ngoba lokho kungenza ngingabi namkhawulo kuwo futhi uma ungathi angikubhalele nje ngingakubhalela ngoba ngiyawuqonda.
“Mina nje ngingasebenza nanoma yimuphi umculi engifuna ukusebenza naye nanoma ngasiphi isikhathi ngoba izinsimbi ngiyazazi kanjalo namanothi omculo,” kusho uZakes.
Uphethe ngokuthi abantu mabasike iphethini enkakheni enguSipho “Hot Stix” Mabuse ebuyele esikoleni kulo nyaka ukuyoqedela izifundo zika-Matric.
UHot Stix ulindele imiphumela yakhe athenjiswe ukuthi uzoyithola ngoLwesihlanu.
“Ukube isikole besingabalulekile ubaba uMabuse ubengeke aze abuyele. Sonke singabukela kuyena senze njengoba enzile sizehlise siye esikoleni ngoba indlela eya empumelelweni iqala esikoleni,” kuphetha uZakes.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services