UZille unqaba ukubuyisa umnikelo wakwaGupta

Comment on this story
no Copy of CT_HelZille0 INLSA UMHOLI weDemocratic Alliance uNkk Helen Zille. Isithombe: Michael Wilson.

BABALO NDENZE

UMHOLI weDemocratic Alliance (DA) uNkk Helen Zille (osesithombeni) uthi iqembu lakhe ngeke liyibuyise imali elanikelelwa yona wumndeni wakwaGupta, ongabaphathi bephephandaba i-The New Age.

UNkk Zille uthe ngeke ibuyiselwe emuva le mali ngoba ayikho into embi ngokuthi osomabhizinisi banikele ngemali emaqenjini epolitiki.

Uthe akubona ubuxoki ukwamukela umnikelo kwabakwaGupta ekubeni ebe egxeka uhulumeni ngokuxha-sa isithangami esihambisana nesidlo sasekuseni esihlelwa yiThe New Age.

Ngeledlule uNkk Zille washaya ungqimphothwe wahoxa esithangamini saleli phephandaba ngemuva kwemibiko yokuthi izinkampani eziphethwe nguhulumeni zifaka izigidi zemali ukuxhasa lesi sithangami.

“Into embi ngukuthi uhulumeni usebenzisa kabi amandla onawo ukunikeza imali osomabhizinisi adlelana nabo bese lokhu kufihlwa ngokuthi wuxhaso. Uma ungangitshengisa noma yikuphi lapho uhulumeni weDA sewake wenza khona lokhu, ungangibiza ngexoki,” kusho uNkk Zille.

Ngokombiko wephephanda elinguzakwabo weSolezwe, iThe Weekend Argus, uNkk Zille waya emzini wakwaGupta oseSaxonwold, eGoli, ngo-2011 ukuyobanxenxa ngomnikelo kanti kuthiwa waphuma nesheke.

Phambilini i-ANC yazibophezela ukubuyekeza ukuxhaswa kwamaqembu epolitiki kodwa awukabi bikho umthetho ocacisa ngemibandela.

I-DA ingelinye lamaqembu ayiswa enkantolo yi-Idasa ngoba ifuna idalule ukuthi uxhaso lwezimali ilutholaphi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.