Advertisement
logoSections

Uzimisele ngokubhala ngowamakhosi aKwaZulu

LUNGI LANGA

UZIMISELE ngokubhala incwadi ngomlando wakwaZulu owesifazane osethole impumelelo ngenxa yothando lwakhe lwezomlando.

UNkk Thandazile maDlamini-Zungu ofundisa izivakashi ngomlando wakwaZulu, eMakhosini.Isithombe: PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

UNkk Thandazile Dlamini-Zungu (32) unesifiso sokubhala incwadi ngomlando waseMakhosini okuyindawo akhulele kuyo.

Emuva kokumfimfa kwamathemba okuthola umsebenzi ayewufisa, uthole ingqayizivele yethuba ngokuthi asebenze njengomunye wabantu abaxoxela abantu ngomlando (Tour Guide) wakwaZulu.

Uthe wayengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga ithalente lakhe lokwazi ngomlando wangakubo lingambeka ethubeni lokuthi asebenze e-The Spirit of eMakhosini, Olundi, okungenye yezindawo ezivakashelwa abantu abafuna ukwazi kangcono ngomlando waKwaZulu namakhosi ayebusa khona.

Le ntokazi engeyokuzalwa Olundi itshengisa abantu indawo yasemakhosini ibaxoxele ngomlando wamakhosi.

Ngesikhathi esebenza kwesinye sezitolo zokudla eThekwini, wayebona engathi ngeke aphinde aphumelele.

“Ngiqede ukufunda ngangawuthola umsebenzi ebengiwufundele, ngase ngiziphonsa nje ngesikhathi ngithola umsebenzi wokudayisa esitolo sokudla. Ngithe uma ngibona ithuba lokungena ekuxoxeleni abantu ngomlando walapho engiphuma khona ngangabe ngisalidedela,” kusho uNkk Dlamini-Zungu.

Nguye ohamba nabantu abasuke bevakashele kuleya ndawo abatshengise ubuhle bayo aphinde abachazele ngemvelaphi yayo.

Uthe ubona impumelelo yakhe iyisibonelo sokuthi ungakwazi ukusebenzisa ulwazi oluncane onalo ukuze uzithuthukise.

“Ngangivele ngiwuthanda umlando kepha ngingazi ukuthi kunganamathuba avelayo adinga abantu abanolwazi ngawo. Kuthe uma kudingeka umuntu onolwazi lwawo ngabona ukuthi ngingakwazi ukuwenza lo msebenzi,” kuqhuba uNkk Dlamini-Zungu.

Unxuse intsha ukuthi ingakubukeli phansi okuncane ekwaziyo ngoba yikho okungayivulela amathuba.

SHOW ALL
Advertisement