CLOSE X
Advertisement

Uzimisele ukuhamba ibanga elide kuCaf

Isolezwe

MINENHLE MKHIZE

Ebika eseGoli

Share this story
SOWETO, SOUTH AFRICA - MAY 26, Gavin Hunt celebrating their victory during the Nedbank Cup Final match between Mamelodi Sundowns and SuperSport United from Orlando Stadium on May 26, 2012 in Soweto, South Africa Photo by Gallo Images

USEZITHWESE ijoka lokuhamba ibanga elide kuCaf Confederations Cup umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, onqobe iNedbank Cup ngokuguqisa iMamelodi Sundowns ng 2-0 emdlalweni obungempelasonto e-Orlando Stadium, eGoli.

UHunt uveze ukuthi uzimisele ukuqeda isikhwakhwalala sokushaya udaka kwamaqembu akuleli emiqhudelwaneni yeCaf.

“Iqembu elisezingeni leSuperSport kumele lidlale e-Afrika. Yilapho okumele sizibone khona ukuthi siyizinkunzi ngoba akukho lula ukudlala khona. Emasizinini ambalwa adlule uma ngikhumbula kahle sishaywe yiqembu laseMorroco kuma-quarterfinal. Leli qembu yilo eligcine libe ngompetha. Kulokhu kumele senze kangcono,” kusho uHunt.

ISuperSport ixebule iSundowns ngamagoli kaThabo September noKermit Erasmus.

INingizimu Afrika izomelwa yizikhondlakhondla zamaqembu emdlalweni yeCaf kwazise kuChampions League kuzobe kubhekwe ngabomvu i-Orlando Pirates engompetha be-Absa Premiership.

Ephawula uHunt ugcizelele ukuthi usazoqhubeka nokuqeqesha iSuperSport aseyinqobele izicoco ezintathu zeligi njengoba esethathe eseNedbank Cup.

“Angiyi ndawo, ngesizini ezayo yimina engizokube ngihlezi ebhentshini leSuperSport. NgoMsombuluko (namuhla) ngizohlala nabaphathi ukuze sihlelele isizini ezayo.”

ISuperSpot izolahlekelwa ngabadlali bayo abamqoka ngesizini ezayo – uMorgan Gould kubikwa ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs kanti uTebogo Langerman uyakuSundowns. “selokhu ngafika la kuSuperSport eminyakeni emihlanu mhlawumbe sengilahlekelwe ngabadlali abangu-60 kodwa sihlezi sinamasu okuvala izikhala zabo. Yinto eyenzekayo ebholeni, abadlali bayafika bahambe. Nalokhu kuzokuba yinto efanayo njengoba sizolahlekelwa nguMorgan noLangerman,” kusho uHunt.

ISuperSpot yayigcine ngo-2005 ukunqoba isicoco somkhumulajezi ithatha i-Absa Cup esibizwa ngeNedbank Cup.

“Ngijabule kakhulu. Abadlali bazinikela ngokuphindiwe futhi ngiyethemba ukuthi sizobuya ngezinkani ngesizini ezayo emidlalweni yeligi. Kube kuhle ukuthi sivale isizini ngegiya eliphezulu,” kusho uHunt.

Share this story
Advertisement
X