Uziphendulele ngawudlalayo uKotin

Comment on this story
NO K

SIHLE MKHIZE

UDJ wodumo lomculo we-Electro eThekwini namaphethelo uthe uncamela ukulala kunokuthi ayodlala ezindaweni ezingeke zimkhokhele imali esuka ku-R5 000.

Lo DJ ubephendula umbuzo wokuthi njengoba edlala uhlobo lomculo owodwa lokho ngeke yini kumkhiphe emicimbini yabangakalujwayeli lolu hlobo lomculo.

UKotin uphikile ukuthi i-Electro kusekude ithole indawo kubantu baKwaZulu-Natal namaphethelo.

“Uma ukhula usuke unento ethile oyithandayo mina ngigqugquzelwe ngabantu okubalwa uDJ Fresh we-5 FM nokulalela iziteshi zomsakazo ezinjenge- East Coast Radio.

“Abaculi abanjengo-Rihanna, Usher, DJ Guetta nabanye bashaya lolu hlobo lomculo okukhomba ukuthi uhamba phambili,” kusho yena.

Uthe lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi uya phambili ngoba nentsha ilandela laba culi.

Uthe uqashwa kakhulu ezindaweni zangaphandle nasemicimbi emikhulu.

“Abantu bayaluthokozela uhlobo lomculo owehlukile ngoba oDJ abaningi badlala izingoma ezizodwa. Uma ngingena ngibenza bazizwe besondelene nezihlabani zaphesheya ezishaya lolu hlobo lomculo,” usho kanje.

Phakathi kwemicimbi loDJ aseke wadlala kuyona kubalwa iNyus’ iVolume yoKhozi FM eyayiseMgungundlovu kulo nyaka, uchungechunge lwemigubho yemicimbi yokuzalwa kwephephandaba iSolezwe neminye.

UDJ Euphonik umsakazi we-5 FM nothathwa njengenkosi ye-Electro uthe akukho okubi ngokudlala lo mculo.

“Mina bengidlala i-Electro eDLI Hall emuva komcimbi weVodacom Durban July futhi abantu bayijabulela. Engikwenzayo wukufunda abantu uma ngidlala ngoba ngeke ngiludlale lolu hlobo eYadini eMlazi,” kusho u-Euphonik.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.