Uziphonse efulethini wafa obehlushwa

Comment on this story

NQOBIZIZWE ZWANE

IZIPHONSE efulethini eThekwini yashona intokazi ebingumfundi eMangosuthu University of Technology (MUT) izolo entathakusa emuva kokuba kade ixhumane nabangani bayo kwi-Facebook ibatshela ukuthi isiyahluleka ukubekezelela isoka layo eliyihluphayo.

Le ntokazi ibihlala ebhilidini labafundi iFour Seasons ePhoyinti.

UNksz Mpume Mazibuko okuvela ukuthi ungowaseMlazi enkundleni yezokuxhumana iFacebook kuthiwa uziphonse esuka esitezi seshumi saleli bhilidi okusolakala ukuthi ukwenze ngenxa yokujola kwesoka lakhe nenye intokazi okuthiwa nayo ifunda khona eMUT.

UMpume obezibiza ngoMpume kaNtokozo Mazibuko kwiFacebook egcina ukubhala kuyo uthe “nyt cruel world sobonana kwelizayo” embuza umngani wakhe uNosipho Ngcobo ukuthi kwenzenjani uMpume uthe “UNtokozo mf2 I can’t take this anymore ngeke ngisakwazi ukummela.”

Emva kwalokho uNosipho umphendulile wathi “Awu dali wenzeni manje lowo ayi mf2 awuhlukane nale ndoda uthole umuntu oryt ozokuphatha kahle lv plz”.

Abangani bakhe bebelokhu bebhale njalo beveza ubuhlungu ababuzwayo ngesenzo sakhe kodwa begcizelela ukuthi abamehluleli futhi bazomkhumbula njengoba ngathi ubeyiqabane lokuqina futhi elaziwayo ngaphakathi.

Omunye wabangani bakhe ozibiza ngoRee-Shorty AkaChaos kwiFacebook uthe ungumuntu wokugcina ukukhuluma noMpume ngabo-2 ekuseni uthe ubesezwakala njengomuntu ozokwenza lokhu abemcebisa ngakho kodwa wathi uzwa ubuhlungu futhi enecala ngokwenzekile emva kokuthi emxoxele ngenkinga yakhe njengoba eqhuba ethi bebesondelene naye.

Kusinda kuyehlela nakuNoxolo naye ogoqe ngamafuphi wathi kunzima emhlabeni, nabangani bakhe bemeseka bethi akaqine konke kuzodlula yena engasaphenduli emva kwalokho. Okuvelayo ngemibhalo yakhe emidala ukuthi uNoxolo ukholelwa ekutheni umfana onephutha ngokushela omunye umuntu ebe azi kahle ukuthi usebudlelwaneni obuqondile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa esiteshi esisePhoyinti aphezu kophenyo emuva kwezinsolo zokuthi lo wesifazane uziphonsile esuka kulo leli bhilidi wawela emgwaqweni ngabo-3:20 ekuseni. UMdunge uthe ushonele endaweni yesehlakalo lo wesifazane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.