Uziqhayisa ngebhizinisi lokufuya izingulube

Comment on this story
no Elangeni1 INLSA UNKK Anna Phosa ongowesifazane onepulazi lezingulube eGoli nokuyena yedwa owesifazane owenza leli bhizinisi kulesi sifundazwe. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

BONGIWE ZUMA

AMABHIZINISI ewonke jikelele ngeke wacabanga ukuthi kukhona umuntu wesifazane ongakhetha ukufuya izingulube kunokujika nesitulo ehhovisi lakhe akhombe ngophakathi.

Izingulube zithathwa njengento engcola okudlula zonke izilwane ezikhona nokwenza babe mbalwa kakhulu abantu abazifuyile.

UNkk Anna Phosa ongusomabhizinisi wesifazane okunguyena yedwa oyimbokodo enepulazi lezingulube eGoli, wamangaza abaningi ngesikhathi efikelwa umcabango wokuqala ibhizinisi lezingulube.

Lo somabhizinisi owaqala ngezingulube ezine ngo-2004, kodwa manje esezingaphezulu kuka-2 000 wayengazitsheli ukuthi ibhizinisi lakhe lingachuma ngale ndlela.

Uthando lokuba ngusomabhizinisi lwamgqugquzela ukuba ahambe engqongqoza emnyangweni eyahlukene kuze athole ulwazi namasu angamsiza ukukhulisa leli bhizinisi lakhe.

Uthi ngonyaka ka-2005 waqala wabona umehluko likhula kancane ibhizinisi lakhe nokwaphinde kwamkhuthaza kakhulu ukuklonyeliswa ngendondo yokuba ngowesifazane okuleli bhizinisi, kwathi ngo-2006 wahlomula ngeGauteng Farmer Of The Year Award.

“Ngazibona ukuthi sengingenile kulo mkhakha futhi nomsebenzi engiwenzayo uyabonakala.Yize ngenza kahle kodwa ngisazimisele ngokukhula kuleli bhizinisi ngikwazi nokuheha abanye besifazane kwazise eGoli ngisengedwa kulo msebenzi,” kusho uNkk Phosa.

Ibhizinisi lakhe selikhule kangangokuba seliphakela nezitolo ezinkulu kuleli okubalwa noPick n Pay athi uqale ukuwudayisela izingulube eziyishumi ngo-2008.

Muva nje usewudayisela izingulube eziyikhulu njalo ngesonto okungenye yezinto ezimkhulisela leli bhizinisi.

Uphinde wakuveza nokuthiwathola umfundaze ngo-2009 wokuyofunda kabanzi e-Denmark ngokuphathwa kwaleli bhizinisi kanjalo nokukhuliswa kwazo izingulube.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.