UBUQONDA kahle ubunzima bokubhekana neqembu elithathwa njengelikhulu njengeKaizer Chiefs uma lingenzi kahle umqeqeshi wePlatinum Stars, uCavin Johnson, omatasa nokubopha itulo lokwandisa izinkinga zikaSteve “Mphathi” Komphela kowe-Absa Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
Emidlalweni emibili esidlalwe yiChiefs ngaphansi kweligi nakuMTN 8, ishaywe yiBidvest Wits okulandelwe ukukhishwa entshontshweni lika-R8 million yiCape Town City FC. Yomibili le miphumela imfakele enkulu ingcindezi uKomphela abaningi abamsola ngokuthenga abadlali kodwa angababopheli.
UJohnson naye obuya endukwini ekhishwa yiChippa United kuwona lo mqhudelwano iMTN 8, uwazi kahle umqansa okumele bawukhwele ukuze babuye nomphumela oncomekayo e-FNB.
“Ngeke silenze iphutha lokuzela iChiefs ngobuso ngoba sibuswa yindlela eyiqale kabi ngayo isizini. Lo mdlalo uzoba ngonzima kakhulu ngoba akekho ongazi ukuthi iChiefs kumele iqale iqoqe amaphuzu. Umdlalo omkhulu kithina lo ngoba siya kuwona sazi kahle ukuthi siyothwala kanzima,” kusho uJohnson.
Lo mqeqeshi uthe okwenza leli qembu libe nzima kakhulu wukuthi nabadlali balo abebelimele sebeyaqala ukukhombisa izimpawu zokululama. Amakhosi aqale isizini ngaphandle kukaSiphiwe “Shabba” Tshabalala okuthiwa useluleme kanti uKeagan Buchanan osanda kusayiniswa ubedlala kuChiefs inenebulwa yiWits ngo 4-0 koweMultichoice Diski Challenge ngoMgqibelo eMlaza.
“Ngaphandle kokumazi uKomphela ukuthi uwuhlobo luni lomqeqeshi, ukubuya kwezilomo ezifana noTshabalala nabanye kuzosenzela umsebenzi ube nzima. Ngiyayithanda-ke nokho imidlalo enje ngoba asinakwa. Nakulokhu kuzobe kubhekwe ukuthi iChiefs iyabhukula yini bese bekhohlwa ukuthi nathi sinezethu izinhlelo. Ngiyajabula futhi ukuthi nakulo mdlalo siziphinde siddele abafana abancane okuzokwenza iChiefs ingakwazi ukubahlelela ngoba ayibazi. Nakuba kunjalo kodwa sibheke umdlalo onzima impela,” kulandisa lo mqeqeshi.
Ngeke abe khona kulo mdlalo uKhulekani Madondo oshayeke kabi ejimini kanti uSiphamandla Mlilo unekhadi elibomvu alithole iPlatinum idlala neSuperSport United kowokuqala wesizini.
Ukaputeni weChiefs u-Itumeleng Khune uthe abajabulile ngokungayiqali kahle isizini.
“Siyazi ukuthi lukhulu olulindelwa kithina njengeqembu. Nokho isikhathi sisavuma ukuthi silungise amaphutha yize siphoxekile ngokuthi izinto azihambi kahle. Sizovuka sizithathe nakanjani ngoba iChiefs ihlale ibuya ezimweni ezinjena,” kusho uKhune.
“Yonke imidlalo esiyidlalayo ingcindezi ihlale ikhona ngoba abalandeli bahlale belindele imiphumela emihle eqenjini. "Siyethemba sizothola umphumela omuhle ngoLwesithathu (kusasa).”