Uzobe eyibuza eBoulevard ibhoza uHip Hop Pantsula

Comment on this story
NO_NO hhp0 INLSA UMREPHA uHip Hop Pantsula uzobuza abalandeli bakhe ukuthi ngubani ibhoza uma esebaculela eBoulevard, eThekwini, ngeSonto kwiThe One & Only Isithombe: Jennifer Bruce

FANELESIBONGE BENGU

“BOSSO Ke Mang? Wena!” Lezi yizinhlamvu ezichaza abaningi kulezi zinsuku ezisengomeni yesihlabani se-hip hop sakuleli u-Hip Hop Pantsula (HHP).

Kule mpelasonto lo mculi odabuka eMafikeng, eNorth West, uzobe ebuza ukuthi ngubani ibhoza eBoulevard kuFlorida Road, eThekwini, ngeSonto emcimbini oba kanye ngenyanga obizwa nge-The One & Only.

UJabulani “Hip Hop Pantsula” Tsambo, uzobe enandisa kulo mcimbi ozoqala ngehora lesibili emini kuze kuyoshaya entathakusa ngakusasa.

Lo mculi unengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi Bosso Ke Mang ehunyushwa ngokuthi Ngubani Ibhoza.

Le ngoma ihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu bahlale njalo bebuzana ukuthi ngubani ibhoza.

Ukuduma kwale ngoma sekuholele ekutheni noDJ Cleo owafika wayicula ngesikhathi emukela indondo kumaSouth African Music Awards, afune ukuyenza kabusha isishaya ngesigqi se-house.

Umgqugquzeli walo mcimbi ngaphansi kwenkampani ebizwa ngeT5SE, uSibo, uthe bakhethe lo mculi ngoba abantu bayamthanda futhi ingoma yakhe ingezinye kwezihamba phambili kuleli njengamanje.

“Uma uzokhumbula, ngenyanga edlule sasimeme iMiCasa, nayo okuyiqembu elihamba phambili kuleli njengamanje. UHHP naye uhamba phambili ngakwi-hip hop nokuyingakho simeme yena,” kusho uSibo.

Uthe uHHP uzobe ephelezelwa nguDJ Feel, Benny Maverick nabanye.

n Isolezwe lizimisele ngokukwenza ibhoza nawe mfundi ngokukupha ithikithi elilodwa elihamba ngamabili kwamahlanu eliphisana ngawo.

Okumele ukwenze wukuthumela igama elithi HHP ngeSMS enombolweni ethi 33963.

Umncintiswano uvalwa namhlanje ngo-3 ntambama. Abawinile bayokwaziswa ngokushayelwa ucingo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.