Advertisement
X

Uzokusebenzisa akuzuze kuma-Idols

UMCULI waseThekwini okusale abaningi bekhexile ngokungangeni kwakhe kwiTop 10 yama-Idols, u-Amanda Kunene, uthi uzoqhubeka azame ukuzakhela igama endimeni noma esephumile kulo mncintiswano. U-Amanda ube ngomunye wabaculi abahlanu (Luke, Sghedeed, Lusanda, Thamsanqa) abangangenanga kuTop 10 emenyezelwe esiqeshini sakamuva ngeSonto. Engxoxweni neSolezwe emva kwalolu hlelo obelusakazwa bukhoma ePretoria State Theatre eTshwane, uthe ngeke aphele umoya ngomculo.

“Ngifisa ukubonga uMdali ngokunginikeza ithuba lokuthi ngihambe ibanga elingaka kulo mncintiswano. Ngifunde okuningi kuwo futhi njengamanje ngizibona ngiqhubeka ngiphokophelela ukuthi ngizakhele igama endimeni,” kusho yena.

UMCULI u-Amanda Kunene okhulume neSolezwe ngezinhlelo zakhe emva kokuphuma kuma-Idols Isithombe: SITHUNYELWE

Sekuyinjwayelo ukuthi abaculi abaningi abebethembisa kulo mncintiswano baphinde babuye uma izinto zingahambi kahle. Lo mculi uthe yena okwamanje akafuni ukucabanga kakhulu ngokubuyela kulo mncintiswano.

Ngaphambi kokuthi aye kuma-Idols ubenza i-Honors ezifundweni zomculo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eHoward College, kanti uthe uzoqhubeka nalezi zifundo zakhe.

“Ngifuna ukubuyela ezifundweni zami, ngibhale umculo, nokunye okuningi engikufundile kuma-Idols, ngizokwazi ukukusebenzisela izifundo engizenzayo,” eqhuba.

U-Amanda ugcizelele ngezifundo zakhe noma esebuzwa ngokuthi azikho yini izitebele zomculo noma abasendimeni abangathanda ukusebenzisana naye.

SHOW ALL
Advertisement