Uzokwethula uhlelo kuthelevishini uChilli M?

Comment on this story
NO_no Chilli M0 . UMSAKAZI woKhozi FM uChilli M ubhale enkundleni yezokuxhumana i-twitter ukuthi usezoba nohlelo lwethelevishini emasontweni ayisikhombisa azayo

FANELESIBONGE BENGU noSANDILE MAKHOBA

SINGAHLE sibonakale kuthelevishini njengomethuli wohlelo olusha isilomo somsakazi woKhozi FM esiqashwe ngo-Ephreli nonyaka ngemuva kwezinguquko zezinhlelo ezibe khona kulo msakazo uma bevumelana ngezinkontileka nabaphathi beSABC.

UVukani “Chilli M” Masinga waseNtuzuma, eThekwini, kodwa osezinze eGoli ubhale enkundleni yezokuxhumana nge-internet i-twitter ukuthi abantu abalindele lukhulu kuyena njengoba emasontweni ayisikhombisa ezayo ezobonakala kuthelevishini eshayela uhlelo.

“Kusele amasonto ayisikhombisa... Uhlelo olusha eMzansi noDaddy (igama abuye aziwe ngalo). Gada kwabezindaba ngemininingwane egcwele,” kusho uChilli M owenza uhlelo lwangoLwesihlanu ebusuku olubizwa ngokuthi yiKonakele.

Imizamo yokuqinisekisa lo mbhalo kulo msakazi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo osondelene nalo msakazi ocele ukungadalulwa, uthe lolu hlelo luzoba nenswebu yelomgosi oludlala njalo ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, iReal Goboza.

“Kuzokuba wuhlelo lwentsha oluzocishe lufane neReal Goboza, yilokho kuphela engikwaziyo okwamanje,” kusho lo mthombo.

Imenenja kaChilli M uPandora Hlongwane uthe kuliqiniso okubhalwe yilo msakazi enkundleni yezokuxhumana kodwa ngeke akwazi ukuphawula ngoba basazohlangana nabakwaSABC.

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukwanda kakhulu ngamazwi ngoba asikahlangani nabaseSABC. Ngizokuthinta uma sesihlangene,” kusho uPandora.

Okhulumela iSABC, uMnuz Kaizer Kganyago, uthe usemcimbini wacela ukuthunyelelwa i-SMS.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.