.
UKomla Dumor unethemba lokuthi uhlelo azolwethula ku-BBC News ngoJuni 18, iFocus On Africa, luzoshintsha indlela umhlaba obuka ngayo leli lizwekazi. Isithombe: SITHUNYELWE
BONISWA MOHALE
KULINDELEKE ukuthi lushintshe indlela amazwe aphesheya kwezilwandle alibuka ngayo izwekazi i-Afrika uhlelo olusha lwezindaba olubizwa nge-Focus On Africa.
Lolu hlelo oluzokwethulwa yinkunzi eluvava ebuntathelini yaseGhana, uKomla Dumor, luzoqala ngoMsombuluko Juni 18 ku-BBC News (Channel 400 ku-DStv). luzodlala ngo-7.30 ebusuku.
Ngokusho kukaDumor obese-Oyster Box Hotel, eMhlanga, eThekwini, ukuzokhuluma nezintatheli ngalolu hlelo, luzohluka kakhulu kwezinye ngoba luzobe luxoxa ngezindaba zase-Afrika futhi lwethulwa ngabantu base-Afrika.
Uthe ngeke izindaba zibheke kuphela udlame olwenzeka emazweni ehlukene aleli zwekazi i-Afrika kodwa zizobheka nokuhle okwenzekayo kwezomnotho, ezokungcebeleka nakweminye imikhakha.
“Sinezintatheli cishe kuwo wonke amazwe ase-Afrika kanti naseNingizimu Afrika zikhona izintatheli zethu okubalwa phakathi kwazo oNomsa Maseko noMilton Nkosi abazobe besicoshela konke okwenzekayo. Inhloso yethu wukuthola izindaba ezikhombisa ukuthi i-Afrika ayinalo udlame kuphela kodwa iyizwekazi elithuthukayo nakwezomnotho,” kusho uDumor.
Uthe useke wabhala nangohlelo lososayensi lwe-Square Kilometre Array (SKA) ebuza ukuthi ososayensi baseNingizimu Africa bazosizakala kanjani ngokuba khona kwayo kuleli zwe.
UDumor ubuye waveza ukuthi ukukhonjiswa kwezimpi ezenzeka emazweni ehlukene ase-Afrika akusho ukuthi iziteshi azilithandi leli zwekazi kodwa kuvezwa lezi zimpi ukuze umhlaba wazi ngazo.
“Uma singakhulumi ngezimpi ezenzeka emazweni ethu umhlaba ungeke wazi ngazo. siyaziveza ukuze kutholwe isixazululo. I-Focus On Africa izobukwa ngabantu abangu-77 million e-Afrika,” kusho uDumor.
UDumor wangena ebuntathelini ngo-1998 kanti usebenzele i-BBC kusukela ngo-2007 kuze kube manje.
Uqanjwe ngosuku lwesonto njengabanye abantu baseGhana kanti igama lakhe elithi Komla lisho uLwesibili ngolimi lwakuleliya lizwe.
Kulabo abangenayo i-DStv kulindeleke ukuthi balubone lolu hlelo ngokuhamba kwesikhathi ngoba abe-BBC bazoxoxisana neziteshi ezahlukene, ngokusho kukaMnuz Stephen Martin obhekelele ezokwakha ubuhlobo kwa-BBC.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services