NOKUBONGWA PHENYANE
ALAHLWE ngelakubo amadoda amathathu – akade efunwa phansi ngamacala ahlukene ahlanganisa elokubamba inkunzi kuhlonyiwe, elokudlwengula nelokuzama ukubulala – ngesikhathi ezama ukuhlasela amaphoyisa.
Enye yala madoda eneminyaka engu-34 neqashwe ngelokhozi ngamaphoyisa kwesinye sezibhedlela eThekwini, ibevele ifunwa uthuli ngamaphoyisa mayelana namacala okusolwa ukuthi ubezenza ezindaweni eziseningizimu yogu esifundazweni, ikakhulukazi koPort Shepstone naseSt Faiths.
Womathathu la madoda kuthiwa abehlalise lubhojozi umphakathi waseDanuse, Gutamane naseKwazi.
Ngokusho kukaColonel Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, amaphoyisa agasele endlini yala madoda kwaG eMlazi. Athe uma ebona amaphoyisa avulela ngenhlamvu.
“Amaphoyisa abe esephindisela kwalimala indoda eyodwa nephoyisa. Amanye amabili abalekile,” kusho uColonel Naicker.
Uthe kule ndlu bathole izibhamu ezimbili eziyi-9mm abazozihlola ukuthi azikaze yini zisetshenziswe ezigamekeni abasolwa kuzo.
Umsolwa uzovela maduze enkantolo yemantshi eMlazi ngamacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni namacala obugebengu abawenze nabangani bakhe ababalekile eSt Faiths.
Khonamanjalo, kuboshwe abesilisa abayisishiyagalombili abaphakathi kweminyaka engu-19 kuya ku-39 eNquthu abatholakale nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Amaphoyisa aseDundee nawaseGlencoe abekade esesha izimoto kuthiwa amise imoto ethize. Kuthe ngesikhathi eyihlola athola izibhamu ezine nezinhlamvu ezingu-47 zezibhamu ezehlukene.
UCaptain Thulani Zwane uthe laba babe sebeboshwa, bazovela enkantolo yemantshi eNquthu namhlanje bebhekene necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Uthe lezi zibhamu zizothathwa ziyohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenziswe ebugebengwini kuleli.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services