Advertisement
logoSections

Uzovela kungcwatshwa intombi yakhe uPistorius

NGESIKHATHI umgijimi wakuleli u-Oscar Pistorius evela enkantolo ezocela ibheyili namuhla ngecala lokubulala, umndeni kaReeva Steenkamp uzobe uvalelisa kuye enkonzweni yomngcwabo okuzobe kukhona kuyona umndeni nabasondelene nawo kuphela ePort Elizabeth.

Namuhla kubhekeke ukuba igcwale ichichime inkantolo yasePitoli ngoba kuzobe kubhekwe ukuthi uyayithola yini ibheyili uPistorius.

UMGIJIMI waseNingizimu Afrika u-Oscar Pistorius wathathwa nentombi yakhe uReeva Steenkamp ngoNovemba nyakenye. Isithombe: REUTERS. Credit: Reuters

Izolo ithimba labezindaba belikanise ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa ePitoli lapho etoke khona uPistorius.

Bekunezintatheli ezibalelwa ku-20 zakuleli nezakwamaye amazwe lapho ezovela khona uPistorius eNkantolo yeMantshi ePitoli izolo.

Izintatheli zesiteshi sethelevishini saseMelika, iNBC, zincamele ukulala ngaphandle eduze kwenkantolo ubusuku bonke, zaqasha unogada ukuba azigadele imishini yokusebenza ukuze ingebiwa.

Lezi zintatheli zikanise kuleya ndawo kusukela ngezikhathi zantambama.

Intatheli yeSky News, u-Alex Crawford, ithe indaba yokuboshwa kukaPistorius ibhebhethekise okomlilo wequbula kanti iyona ndaba okuxoxwa ngayo eBritain.

“UPistorius ngumgijimi wama-Olympic odumile. Abantu bonke bethukile,” kusho uCrwaford.

Abashayeli bezimoto abebedlula ngasesiteshini samaphoyisa bebehlisa ijubane bebuka abezindaba. Oyedwa wabo umemeze wathi: “Oscar”, esho ebe edlula ngemoto.

UPistorius (26), osolwa ngokubulala intombi yakhe uReeva (29) waboshwa kwakhe ePitoli ngoLwesine ekuseni ngemuva kwalesi sehlakalo esishiye abaningi bemangele. – Intatheli yeSolezwe

SHOW ALL
Advertisement