CLOSE AD
Advertisement
logoSections

‘Uzozisholo wena’ ingoma oyifunayo

ABALANDELI besihlabani saseMelika uJohn Legend bazoziqokela bona amaculo abafuna awacule njengoba ezoza eNingizimu Afrika ngo-Agasti 10.

Lo mculi othandwa kakhulu ngabesifazane uzokuba nomcimbi wosuku olulodwa eSandton Convention Centre, eGoli.

UJOHN Legend uzofika eNingizimu Afrika ngenyanga yabantu besifazane |kwi-One Night Stand with John Legend uzocula eGoli kuphela. Credit: Group

Abagqugquzeli balo mcimbi okuyiTrademark bathe konke sekumi ngomumo bona sebelinde abantu bazogcwalisa le ndawo kulo mcimbi obizwa nge-One Night Stand With John Legend.

URose Molefe weTrademark uveze ukuthi abantu abazohambela le ndumezulu yekhonsathi kuzomele basebenzise indlela yokuxhumana ebizwa ngeTwitter ukuqoka izingoma eziyizimfivilithi zabo abafuna ziculwe yilo mculi.

“Uma ufuna lo mculi acule lelo culo olifunayo kuzomele uthumele izingoma [email protected]

UJohn Legend waziwa kakhulu ngokulwela ubulungiswa emphakathini nokulwela ukulingana kwezemfundo,” kuchaza uRose.

Uthe ngaphandle kwekhonsathi, uJohn Legend uzohambela isikole esisodwa eGoli ukugqugquzela abafundi.

URose uphinde waveza ukuthi uzocula ihora nemizuzu engu-30 kanti amathikithi aseqalile ukudayiswa kuma-computickets aqala ku-R900, amasango azovulwa ngo-6 ntambama.

URose uthe kumthokozisile uJohn Legend ukuthi abuye ukuzocula eNingizimu Afrika ngenyanga yabantu besifazane, wathi ucela baphume ngobuningi babo bezothokozela umculo ozobe ukhethwe yibona.

SHOW ALL
Advertisement
Twitter Olympics Feed