MTHOKOZISI MANQELE
EseNkantolo yasoBonjeni
INKANTOLO yeMantshi yasoBonjeni izosikhipha ngoMsombuluko isinqumo ngebheyili yowesilisa waseMadanishini, eJozini, obhekene necala lokudubula abulale obeyintombi yakhe.
Umsolwa uMnuz Simiso Mpontshane kusolwa ukuthi wayegajwe yisikhwele ngesikhathi esuka eThekwini ngenyanga edlule ezodubula uNksz Nomathemba Lukhele (28) waseMaphaya, eJozini.
Kuthiwa wamdubula amahlandla amahlanu, izinhlamvu ezimbili zangena ekhanda, ezintathu zabhajwa emhlane, maqede wazinikela emaphoyiseni aseJozini.
UbeseNkantolo yasoBonjeni izolo ezofaka isicelo sebheyili.
Ngesikhathi sofakazi, kugibele ebhokisini unina kamufi uNkk Thabisile Nhlonipho, wakhihla isililo ebhokisini ethi umsolwa ube nesikhulu isihluku ebulala ingane yakhe.
“Wangishayela ucingo esesha efuna ukwazi ukuthi ingane yami ikuphi kanti ufuna ukuyibulala. Angiphephile kwanami ngoba isigameko senzeka eduze kwakwami. Ngikolukhulu usizi ngoba izingane ezingamawele ezimbili (ezineminyaka emibili) ezizalwa umufi nomsolwa zihlale zibuza umama wazo, ziyakhala angazi ngizokwenzanjani,” kusho uNksz Nhlonipho ephekwa ngemibuzo ngummeli womsolwa uMnuz Zwelonke Ngwenya.
“Uma ededelwa lo mbulali uzobuya ezoqeda ngami.”
IMantshi uMkhwanazi ibe isimkhalima ithi angaphinde abize umsolwa ngombulali ngoba akakatholwa enecala.
Ummeli womsolwa uthe umsolwa unelungelo lokunikwa ibheyili, uvunwa wuMthethosisekelo futhi ngemuva kwesigameko waziletha emaphoyiseni.
UMbuso uyaphikisana nokuthi umsolwa athole ibeyili ngesizathu sokuthi uqambe amanga ngekheli lendawo ahlala kuyo.
Kuvele ukuthi uhlala eThekwini, ePinetown kodwa akacacisi ukuthi kuphi nendawo.
Umalume kamufi uMnuz Mlungisi Nhlonipho uthe: “Sathola ukuthi umsolwa ubexabene nomufi kubangwa ukuthi abasathandani, walokhu emsabisa ngokuthi uzombulala uma elokhu eqhubeka nesoka aseliqomile.
“Wahlaselwa ehamba ngemoto umshana. Umsolwa waqala ngokudubula umshayeli wemoto encane kodwa wamgeja wakwazi ukubaleka wasala wadubula umshana kabili ekhanda nasemhlane kathathu, washonela khona lapho.
“Asenelisekile ukuthi leli cala liphethwe yimantshi uMkhwanazi ngoba uganwe kwamakhelwane kamsolwa. Sisola ukuthi uzoba nokwenzelela esinqumeni azosikhipha. Sifuna icala liye kwenye inkantolo.”