UZuma noButhelezi bakhuza ubudlova

Comment on this story
prayer1

CELANI SIKHAKHANE

UMENGAMELI Jacob Zuma noMengameli we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi, bakhuza umhlola wobudlova obuhlasele abantu baseNingizimu Afrika.

Bakhulume ngazwi linye bekhuza udlame emcimbini weSilo samabandla wokuthandazela ukuthula izolo.

Umcimbi ubuseNyokeni, kwaNongoma, uyingxenye yokukhipha iqunga esizweni.

Enkulumeni yakhe uZuma uthe ukuhlonipha impilo yomuntu sekuyinto ekude kakhulu ngoba sekuyinto elula ukusocongwa kwabantu.

“Sibhekene nesimo lapho uma ubona umuntu kumele ubaleke usabe, okuyinto ngisho izilwane ezingayenzi. Ngakho sikujabulele kakhulu okwenziwe yiSilo ngoba kungikhumbuza inkulumo kaMbhishobhi uDesmond Tutu yokuthi kumele kube nengqungquthela kazwelonke yokuthi kuxoxwe ngalesi simo okuhlanganisa nokudlwengulwa kwezalukazi nezingane,” kusho uZuma.

prayer3

Uthe ngeke izwe lakhiwe ngosopolitiki bodwa nabezenkolo kumele bahlanganyele nabo.

Le nkulumo ilandelwe ngekaButhelezi naye okhale ngokuthi sekungumthandazo obalulekile osuyoba yisixazululo sakho konke.

Ngemuva kokuthi uButhelezi ekhale ngobugebengu nobudlova ubuye watshela uZuma ukuthi kumele kukhunjulwe ukuthi izingxoxo zokubuyisana ku-IFP ne-ANC azikaqedelwa.

Uthe kumele kube nokubuyisana phakathi kwe-IFP ne-ANC.

UButhelezi ukhulume kanje ekhala nangokuthi i-ANC yathula owayengumengameli wentsha yayo, uJulius Malema, emdelela embiza ngomkhiqizo ongemuhle kaKhongolose.

“Mina Msholozi angixoshwanga ku-ANC, nawe uyakwazi lokho futhi uyazi ukuthi mina ngihlale ngikhuza uma abantu bengakuhlo-niphi njengoba ngangenza nakuMbeki kodwa mina kwathuleka uMalema engeyisa nomndeni wami,” kusho uButhelezi.

prayer6 UMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma ebonga kuDkt Mangosuthu ngenkathi uMfundisi Rubben Phillips ebuka. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA

Nakuba ebecacisa umlando omningana phakathi kwakhe ne-ANC nabaholi bayo kodwa ubelokhu ekugcizelele kuZuma ukuthi kumele kubuyiswane.

Uthe akafuni ukona umcimbi weSilo kodwa kumele kwaziwe ukuthi akusiwona owokuthi kubuyisane i-IFP ne-ANC ngakho kumele la maqembu aqedele okwasala ukuze kube nokuthula.

UButhelezi uphinde wavumelana noZuma ngokuthi kube nengqungquthela kazwelonke yokubhunga ngokuphela kobuntu emphakathini eyacelwa uTutu.

Uthe ujabule ukuthi uTutu nguye owaqhamuka nalo mbono. Isilo sona sivele sabatshela emehlweni ukuthi uma sebekhumelana umlotha bangalokothi bavuse amanxeba bese kubulalana abantu.

“Wena (Zanele) kaMagwaza-Msibi, Msholozi naweMntwana ngifuna nazi ukuthi ukukhuluma kwenu akumele kuxabanise abantu bami ngoba akusibona abenu kodwa ngabami, ngabanikwa wuNkulunkulu emini kwabha,” kusho Isilo.

Umkhuleko wayizolo ubuhanjelwe ngabezenkolo ezehlukene okubalwa amaKrestu, amaJuda, amaSulumane, amaHindu namaNazaretha.

Ngisho abefundisi basishayele ihlombe isinyathelo seSilo ngalo mcimbi ongowokuqala ngqa esifundazweni.

UNdunankulu wesifundazwe, uDkt Zweli Mkhize, uthe sebethembe uZuma noButhelezi ekutheni kuqedelwe izingxoxo zokuthula phakathi kwe-IFP ne-ANC.

Namhlanje kuzobe kuqala umkhosi woSelwa oyophothulwa ngeSonto khona eNyokeni kanti uMengameli yena namhlanje uzobe enoKhisimusi wogogo bese kusasa aphinde abuyele eNyokeni kulo mkhosi woSelwa bese ngeSonto eba nokhisimusi wezingane eNkandla.

Okugqamile wukuthi aboMdabu baseNdiya yibo abebebaningi emthandazweni kodwa abantu abamnyama bebeyidlanzana. Ngaphandle kwalokho bekukhona izikhulu zikahulumeni ezingamalungu ePhalamende eKapa nakwezinye izifundazwe nosomabhizinisi namakhosi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.