.
UMENGAMELI Jacob Zuma nomkakhe uNkk Thobeka Zuma bathathwe betheleka eLos Cabos, eMexico behambele ingqungquthela i-G20 Summit
INTATHELI YESOLEZWE
UMNUZ Mac Maharaj okhulumela uMengameli Jacob Zuma useyiphikisile imibiko ethi uZuma uye eMexico ngoba ebalekela ukuhhahhanyezwa nokuphekwa ngemibuzo emcimbini womgubho woSuku lweNtsha obekumele ayokhuluma kuwo ngoMgqibelo.
“Umengameli uhambele ingqungquthela iG20 Summit. Yileyo kuphela inhloso yokuya eMexico, hhayi okunye. Ubengabalekeli intsha. Konke okunye okukhulunywayo kungamampunge nje,” kusho uMaharaj obekhuluma ehamba noMengameli eMexico izolo.
“Umgubho weYouth Day ubuhlelwe yi-African National Congress neNational Youth Development Agency. Kulowo mgubho kuthunyelwe uMnuz Collins Chabane ukuba amele uMengameli. UChabane unguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli,” kucacisa uMaharaj.
Uqhube wathi uhlelo lukaZuma lushintshiwe ukuze akwazi ukuzokwethamela le ngqungquthela ye-G20.
UZuma ohambweni lwakhe uzodlulela eRio de Janeiro, eBrazil, lapho ezokwethamela khona ingqungquthela yeziZwe eziHlangene okuzodingidwa kuyo ngeSustainable Development.
UZuma bekumele ayokhuluma emgubhweni wentsha iYouth Day obusePort Elizabeth ngoMgqibelo.
NgoLwesihlanu kwamenyezelwa ukuthi ngeke esakwazi ukuphumelela kuwo kodwa nguChabane ozokhuluma esikhundleni sakhe.
NgeSonto amaphephandaba abike ukuthi uZuma ubegwema ukuyokhuluma kulo mcimbi ngoba ucabange ukuthi intsha izomhhahhameza imehlise isithunzi, esaba nokuthi nobengumholi we-ANCYL oxoshiwe, uMnuz Julius Malema uzobukisa ngaye phambi kwezindimbane zabantu.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services