UZuma ucele emadlozini

Comment on this story
Copy of NO_no zuma 30 GCIS UMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma oshiye konke kule mpelasonto wayocela emadlozini ukuthi amuphe inhlanhla yokunqoba eMangaung kanti ubevunule econsa

MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI Jacob Zuma izolo uqinise umkhankaso wakhe wokuthi athathe ihlandla lesibili ngokuthi avakashele kubo ayocela emadlozini ekutheni ahambe naye uma esebheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eMangaung ngoDisemba .

Lo mkhankaso kaZuma wokucela emadlozini uqale ngoMgqibelo ngokuthi kwenziwe umkhuleko kucelwa kuMdali ukuthi ambheke.

Usuku lwayizolo luqale ngokuthi uZuma ahambele umuzi wenkosi yakubo kwaNxamalala lapho afike khona washiselwa impepho waya nasesibayeni, wavuma ingoma nezinsizwa.

Sekusukwa emzini wenkosi yakwaNxamalala, iNkosi Bhekumuzi Zuma, uZuma uke wasikaza abathwebuli ngenduku nesihlangu sakhe bagoqana namakhamera abo.

Kusukwe lapho kwayiwa ekhaya elikhulu likaZuma eMtembeni nalapho efike wangena esibayeni maqede waya emzini wakhe kwaDakwadunuse.

Kulo lonke lolu hambo uZuma ubehamba ngezinyawo evunule ehambe egiya yonke indlela ephethe isihlangu ehola amabutho.

Uhambe cishe ibanga elide kodwa abuye aphumule avume ingoma.

Bangaphezu kuka-2 000 abantu abebemsingethe bezomfisela inhlanhla ohambeni lwakhe oluyobe selubheke eMangaung kulamasonto azayo.

Umgwaqo omkhulu waseNkandla obheke kwaZuma osanda kwakhiwa kuphazamisekile ukusebenza kwawo ngenxa yokugcwala kwabantu abebesina ingoma noZuma kuwo.

Umfowabo kaZuma uMnuz Michael Zuma, uthe wonke umuntu ofuna umsebenzi kumele acele emadlozini nakuMdali njengoba uZuma ekhombisile wazocela inhlanhla.

“Sifisa ukuthi izinyanya zakoNxamalala zihambe naye zimuphe inhlanhla yokuthi alithathe leli hlandla lesibili,” kusho umfowabo kaMengameli.

Inkosi inikeze uJZ isihlangu sokuthi azivikele ngaso kubafokazana abazama ukuma endleleni yakhe njengoba kuyiwa eMangaung.

“Siyabona ukuthi kukhona abafana abafuna ukukuzungeza ngakho uzoqina Msholozi uzinqobe zonke izingqinamba obhekene nazo,” usho kanje.

Kusuke isidididi ngesikhathi kuxhakathiswa intatheli yephephandaba iThe Mercury uMnuz Bongani Hans kwadatshulwa nebhuku abebhala kulo ngesikhathi ezama ukuxoxa nendodana kaMengameli uMnuz Edward Zuma.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.