IZINDIMBANE zabafundi zithutheleke esiteshini sesitimela eRhodesfield eKempton Park eGoli zifuna ukuzozibonela ngawazo uMengameli Jacob Zuma.

UZuma ubehambisana nabakwaMetrorail efuna ukuzozibhekela izinkinga imiphakathi ekhala ngazo ngokuthi izitimela zakwaMetrorail kaziphephile.

Onogada bakaZuma basebenze kanzima bezama ukududula laba bafundi abebesho ukumtapa ngezandla umengameli.

Laba bafundi abebebonakala beneme bezwakale sebecula iculo lodumo elithandwa nguZuma elithi: “Umshini wami”, besho bedansa.

UZuma nethimba abeha-mbisana nalo okuhlanganisa kulo noNgqongqoshe basuke lapho bayogibela isitimela iGautrain balibangisa eSandton.

Izindiza zabeSouth African National Defence Force neza-maphoyisa eSouth African Police Service bezindizela phezu kwesitimela ebesihamba umengameli ziqaphe isimo ngelokhozi.

UZuma usuke ePitoli izolo ekuseni esehamba ngesitimela sakwaMetrorail ebesigcwele phama nabagibeli, wabuyela eGoli.

Kulolu hambo uZuma ubengena amakhoshi ngama-khosi ehamba ebingelela exoxa nabagibeli ebaxhawula.

UbenoNdunankulu waseGauteng, uNomvula Mokonyane, abebebonakala bencokola naye kuhlekwa kunjeyaya.

Izinkulungwane zabagibeli abebesesitimeleni bezide zidudulana zifuna ukuzozibo-nela umengameli obeqashwe ngelokhozi ngonogada abebehlome bephelele.

UZuma utheleke ngezithuba zawo-7 ekuseni esiteshini sesitimela iBosman esisePitoli okuyilapho ehle khona wayozithengela yena mathupha ithikithi lokugibela isitimela ukuze aqhubeke nohambo lwakhe.

Abagibeli abaningi bakhale ngosizi ababhekana nalo mihla namalanga uma behamba ngezitimela.

“Siyahlupheka kakhulu mengameli. Nsuku zonke sihlezi sigibela izitimela ezigcwele ngendlela exakile kodwa ingekho into esingay-enza,” kusho omunye wabagibeli. Uhambo lukaZuma belunesiqubulo esithi The President's Monitoring Visit 2012.