Mpumalanga
UZuma 427 Motlanthe 17
Amagatsha e-ANC akhombise ukumthwala ngeqoma uZuma ekutheni athathe ihlandla lesibili, kwathi uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundleni sePhini likaZuma wathola amavoti angu 415. Nakhona eMpumalanga amagatsha aphakamise igama likaDkt Zweli Mkhize esikhundleni sikaMgcinimafa njengoba kwenzekile KwaZulu-Natal.
Eastern Cape
Zuma 392 Motlanthe 211
Yisifundazwe ebesibhekwe kakhulu lesi njengoba izinkomba bezithi uMotlanthe nguye othwelwe ngeqoma kodwa izinto zashintsha ngoLwesihlanu. Isifunda esikhulu i-OR Tambo yisona esinamalungu amaningi aphakamise igama likaMotlanthe. Esikhundleni sePhini kuphakanyiswe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Gauteng
Zuma 173 Motlanthe 238
Kubonakala isebenzile imizamo kaSihlalo we-ANC kulesi sifundazwe uMnuz Paul Mashatile okunguye osekhaleni lokukhankasela uMotlanthe ekutheni aphonsele uMengameli Jacob Zuma inselelo. E-Gauteng uZuma wesekwa kakhulu wuNdunankulu wakhona uNkk Nomvula Mokonyane ekutheni aqhubeke nomsebenzi wokuhola nokuhola i-ANC.
Free State
Zuma 249
Isigodi sikamaminzela sikaMengameli Jacob Zuma lesi njengoba igama lakhe liphakanyiswe ngaphandle kokuthi kube khona abancintisana naye kulesi sikhundla. Amagatsha afuna esikhundleni sePhini likaMengameli kungene uNkk Baleka Mbete, uMgcinimafa bafuna kube nguDkt Zweli Mkhize. Izithunywa zibonakale isaqala nje ingqungquthela ukuthi uZuma nguye ezimthwele kakhulu ngeqoma.
KwaZulu-Natal
Zuma 858
Akuzange kube khona obangisana noZuma okwaphakanyiswa igama lakhe engqungqutheleni ye-ANC kulesi sifundazwe. I-ANC ibonakale iyimbuba kule ngqungquthela njengoba i-KZN kube yisifundazwe sokuqala ukuphumela obala ngokweseka uZuma.
UMnuz Cyril Ramaphosa uqokwe esikhundleni sePhini likaMengameli, kanti kubonakale kusala ngaphandle igama likaTokyo Sexwale, Paul Mashatile, Fikile Mbalula. Lesi sifundazwe yisona esizothumela abantu abaningi kule ngqungquthela.
North West
Isimo besishubile kulesi sifundazwe njengoba ingqungquthela igcine ingakwazanga ukukhetha abantu abazothatha izikhundla eMangaung. Bekubhekeke ukuba ingqungquthela iqale ngoLwesihlanu kodwa ngenxa yombango kwangenzeka.
Limpopo
Kusuke umsindo kwaze kwadingeka ukuthi ivalwe ingqungquthela ngesikhathi abeseka uMengameli Zuma nalabo abeseka iPhini lakhe uKgalema Motlanthe becishe bebambana ngezandla. Abeseka uZuma kule ngqungquthela bebekhala ngokuthi kukhona amagatsha angazange abalwe amavoti awo.
Western Cape
Kugcine kungakhethwanga ngesikhathi kusuka umsindo ngamagatsha angu-21 okuthiwa ashiywe ngaphandle. Kuze kwadingeka ukuba kungenelele ikomkhulu le-ANC iLuthuli House nakhona kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Northern Cape
Zuma 160 Motlanthe 23
Lesi sifundazwe yisona esizothumela izithunywa ezincane kakhulu engqungqutheleni. Sona senze okuhlukile njengoba siphakamise igama likaMnuz Kgalema Motlanthe esikhundleni sePhini lika- Mengameli. Bafuna uLindiwe Sisulu esikhundleni sikaMgcinimafa noMnuz Fikile Mbalula kwesePhini likaNobhala.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services