UZuma utuse ubuqhawe kuChaskalson

Comment on this story
no Copy of CW_Arthur Chaskalson0 (30402997) INLSA IJAJI lokuqala enkantolo yomthetho sisekelo kuleli u-Arthur Chaskalson odlule emhlabeni ngoMgqibelo

INTATHELI YESOLEZWE

ININGIZIMU Afrika isiphinde yagubazelwa ifu elimnyama kulandela ukudlula emhlabeni kwejaji lokuqala eNkantolo yoMthethosisekelo kuleli, uChief Justice Arthur Chaskalson odlule emhlabeni ngoMgqibelo.

Leli zwe ligqemeka le ngozi yokudlula kukaChaskalson, lisesemanzini kulandela ukudlula kukaSolwazi Jakes Gerwel osebenze kakhulu noMengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela.

UChaskalson uzibhale emlandweni wakuleli ngokuba yingxenye yamalungu ayemele abaholi bezepolitiki ecaleni eliyingqophamalndo kuleli elaziwa nge-Rivonia Trial.

Leli cala laziwa njengecala lezepolitiki elibucayi kunawo wonke lapho uMandela aphunyuka khona esigwebweni sentambo esasifunwa uhulumeni wobandlululo.

UMengameli Jacob Zuma edlulisa amazwi enduduzo emndenini kaChaskalson uthe, bekuyimpilo yobuqhawe hhayi ubugwala njengoba eveze ukuthi wayesekhaleni ngesikhathi kuliwa nobandlululo akazange ahlehlele nyovane.

“UChaskalson uphile impilo yobuqhawe elwa nobandlululo futhi ubeseqhulwini ngesikhathi kuzanywa ukubunjwa komphakathi ongacwasi ngokwebala, noma ngobulili. Uphinde wabamba iqhaza elikhulu kumthetho sisekelo wakuleli. Isizwe silahlekelwe kakhulu,” kusho uZuma.

UChaskalson ubeyiJaji lokuqala enkantolo yomthetho sisekelo kuleli. Ubambe lesi sikhundla kusukela ngo-Novemba 1994 kuya ku-2005 okuwunyaka athatha ngawo umhlalaphansi.

“Sifisela umndeni kaChaskalson amandla ngalesi sikhathi sobunzima futhi sifisa wazi ukuthi usemicabangweni yethu,” kusho uZuma.

UChaskalson uzofihlwa ngohlelo lombuso.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.