Gallo Images
SEKUVELE ukuthi umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uReneilwe Letsholonyane udlaliswe engakalulami kahle sekuzophela isizini ngoba izinto bezilibhedela leli qembu laseNaturena. Isithombe: GALLO IMAGES
MALIBONGWE MDLETSHE
Ebika eseMbombela
KUVELE obekufihliwe ngokubuya ekulimaleni ngaphambi kwesikhathi kwenjini yeKaizer Chiefs uReneilwe “Yeye” Letsholonyane osize iqembu lakhe laphebeza ihlazo lokushaywa imidlalo emine ilandelana ngasekupheleni kwesizini ka-2011/2012.
Le njini ilimale ngoJanuwari emidlalweni yeBafana Bafana lapho ibingukaputeni khona ingcweka neZambia neGhana nokulandelwe yimibiko ethi ngeke isadlala kuze kusongwe isizini. Nokho kumangale abaningi isibonakala enkundleni iChiefs ibuyisa isithunzi ngeMamelodi Sundowns.
Kulo mdlalo uLetsholonyane udlalise okomdlali obengakaze alimale nokusize Amakhosi anqoba ngo 2-0 wamagoli kaSithembiso Ngcobo noSiphiwe Tshabalala.
Iphini lomqeqeshi weChiefs, uDonald “Ace” Khuse uzivumele yena engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe, ezozingela kuSAB Under 21 National Championship eMpumalanga, ukuthi nguyena obuyise lo mdlali singakafiki isikhathi sakhe.
“Bese kukubi kucaca ukuthi uyadingeka umdlali ofana naye. Yimina qobo ombuzile ukuthi uzizwa enjani, wavuma ukuthi usengadlala, ngase ngithi asimhlole. Nokho ngoba uLucky “Sheriff” Baloyi ukhona angiboni simdinga omunye umdlali ofana naye kodwa sidinga ozokwelekelela uTinashe Nengomasha, osethanda ukukhula,” kusho uKhuse.
Le nkakha enguKhuse ithe nokho ibona bezosivala ngoLincoln Zvasiya leso sikhala ngoba vele ufike kuChiefs engumdlali wasesiswini kodwa wagcina esesetshenziswa emuva.
“UZvasiya ufike kithina engumdlali wasesiswini kodwa wagcina esedlaliswa emuva. Ngokwami kuzofanele simkhulisele ukuthi abe ngungoti kuleyo ndawo kusukela ngesizini ezayo,” kusho uKhuse.
Walile nokho lo mqeqeshi ukucacisa ngoKeegan Ritchie oyibamba emuva ngakwesokunxele.
“Angicacise ukuthi la mazwi kufanele ngabe avela kumqeqeshi uStuart Baxter ngakho angizukwanda ngabanye abadlali. Ngikholwa wukuthi kulaba badlali esesibathengile nalaba abaziwayo ukuthi basezinhlelweni zethu kusashoda umdlali wasemuva ngakwesokunxele nozofukula uNengomasha,” kusho yena.
UZvasiya ufike ethembisa kuChiefs ngesizini edlule kwazise ushaye igoli lakhe lokuqala elisize ezakhe zashaya iFree State Stars emdlalweni weligi ngo 2-1 ngoDisemba nyakenye emdlalweni olandelwe ngowokugcina wesigamu sokuqala.
Nangempela ngesizini edlule kubonakele ukuthi iChiefs iyamdinga umdlali ozoqinisa unyawo esiswini uma uNengomasha engekho.
Kule midlalo eseMpumalanga iKwaZulu-Natal idlulele kowandulela owamanqamu lapho izotholana khona neUssa.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services