ZANELE MTHETHWA
WAMUKELWE njengendlovukazi owesifazane wokuqala walapha ukuhlwitha isicoco sikaMrs World obukhethwa eChina ngeledlule.
UCandice Abrahams (32), okumanje uphethe nesicoco sikaSchwarzkopf Professional Mrs SA, uqophe umlando eqwaqwada emakhanda onobuhle abawu-36 bamazwe ahlukene abebanga nabo isicoco.
Ukungena kwakhe ohlwini lwabazongenela uMrs World kwenzeke emuva kokuba ewine isicoco sikaMrs SA ngonyaka odlule.
NgoLwesibili ekuseni ufike esikhumulweni sezindiza e-O. R Tambo International eselindwe yizinkumbi zabalandeli bakhe, abanye bephethe izithombe zakhe nezimbali.
Abagqugquzeli bomqhudelwano kaMrs World bebevele bebhale ezinkundleni zokuxhumana begqugquzela abalandeli ukuthi bayomhlangabeza esikhumulweni sezindiza abezofika.
Utheleke egqoke ingubo emhlophe ekhanyayo, izicathulo ezinde eziyisiliva, ibhande elibhalwe uMrs SA nomqhele wegolide.
Uqhamuke ephakamise izandla abalandeli bakhe bemshutha, abanye beshutha naye ama-selfie.
Ngesikhathi ebingelela abalandeli umyeni wakhe ongumsakazi weMetro FM, u-Ismail Abrahams, ubesemuva kwakhe ephethe izimbali.
Bebehambisana nezingane zabo ezimbili nazo ebezibukeka zijabule zibona uthando olunikwa unina.
Lize lashona elangoLwesibili ikhasi likaTwitter kaCandice nomyeni wakhe ligcwele imiyalezo yokubabongela nezithombe ezishuthwe ngesikhathi ehlwitha isicoco nezithathwe e-OR Tambo.
Isitatimende esikhishwe ngabagqugquzeli bakaMrs World siveza ukuthi uCandice uhlale amasonto amabili eChina elungiselela umncintiswano kodwa kusheshe kwacaca ukuthi uzokwenza lukhulu.
“Ukuthandeka nokugqama kwakhe kwenze ukuthi abuye nesicoco esisha. Namhlanje siyaziqhenya, sihambela phezulu sisonke eNingizimu Afrika,” kusho uJoani Johnson oyisikhulu esiphezulu somqhudelwano.
UJoani uthe akakwazi ukuchaza injabulo abayizwayo kodwa ukuwina kukaCandice kuyimiphumela yomsebenzi onzima abawuqale ngonyaka odlule kusukela ethatha isicoco sikaMrs SA ngo-Okthoba.
“Besivele sinethemba elikhulu lokuthi uCandice uzobuya naso isicoco ekhaya kodwa akusakholakali kithina nethimba lonke lakwaMrs SA ukuthi ngempela iphupho lifezekile,” kusho uJoani.
UCandice, obegqokiswe ngumsiki wengqephu u-Anel Botha emncintiswaneni kaMrs World, kuthiwa unyathele esiteji kwachazeka amajaji nengubo eluhlaza okwesibhakabhaka.
Ubuye wagqoka i-evening dress ethungwe nguWerner Dey. Lo mcimbi bekungowesi-27 nonyaka.
Umncintiswano kaMrs SA, ovulele uCandice iminyango, ukhethwa kuleli ngo-Okthoba e-Emperors Palace, eGoli. Sebekhethiwe abawu-100 abazohlungwa kusale abangu-25 ngo-Ephreli.