bONISWA MOHALE
Y IZE bephika ukuthi babezwana nofakazi wombuso uMnuz Sthembiso Prosper Ndlovu abasolwa abathathu ababhekene necala lokubulala nelokuhlela itulo lokubulala isishoshovu senhlangano Abahlali baseMjondolo uNksz Thuli Ndlovu, uNdlovu ubelokhu emi njalo emazwini akhe okuthi babesondelene futhi umsolwa wokuqala watshela yena eseqeda umsebenzi wokubulala lesi sishoshovu.
NgoLwesihlanu uMnuz Jay Naidoo, ongummeli wabasolwa abathathu oMnuz Mlungisi Ndlovu, Mduduzi Nqola Ngcobo noVelile Lutsheku, uthe laba babhecwa ngobende inyama bengayidlanga kuleli cala ngoba babehlela ukuvulela ufakazi wombuso icala lokudayisa ngezindlu zomxhaso.
Ufakazi wombuso uthe bakhuluma iphutha abasolwa uma bethi wayezovulelwa icala lokudayisa izindlu zomxhaso. Ubuze ukuthi uma kunjalo kungani bengamvulelanga icala.
Utshele umshushisi uMnuz Krishen Shah ukuthi yena wabikela umuntu owayejutshwe ukuthi abheke udaba laKwaNdengezi wase loyo muntu emxhumanisa noNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.
Uthe wathatha lesi sinqumo sokubika ngokubulawa kukaNksz Ndlovu ngoba kwakunohlu lwabantu ababezobulawa futhi yena wayengasathandi ukuthi kufe abantu abaningi.
Ubuye waveza ukuthi umsebenzi wakhe kwakungukukhomba abazobulawa bese umsolwa wokuqala uMlungisi Ndlovu “ebashaya” (okusho ukuthi ababulale).
Uthe wayethenjiswe umsebenzi kwaMasipala ophikweni oluqoqa udoti i-Durban Solid Waste nendlu yomxhaso.
Yize ummeli ethe utshelwe ukuthi wayengusonkontileka enethenda yokugunda utshani, ufakazi wombuso umile ekutheni ayikho leyo nto ngoba wayeyiboleka kummangalelwa wokuqala imali yokukhokha irenti lapho ayehlala khona.
Uthe amakhansela angabasolwa oMnuz Ngcobo noLutsheku babenikeza abafowabo amathenda okuqoqa udoti.
Ufakazi wombuso ubeqashwe ngamaphoyisa amahlanu futhi ngaphambi kokuthi aphume bekuvalwa yonke iminyango enkantolo kuphume yena kuphela.
Emuva kukafakazi wombuso kube sekungena umphenyi wecala wokuqala u-Warrant Officer Mbongeleni Felix Mpangase, othe usebenza ophikweni loKlebe. Uveze ukuthi into ayiqaphela wukuthi KwaNdengezi amacala okubulala ayevuliwe ayethinta ikhansela.
UMshushisi ubuze uMpangase ukuthi wabuqoqa yini ubufakazi bamaselula nobesitatimende sasebhange, wavuma. Ube eseqala embuza ukuthi kwakukhona yini ukuxhumana phakathi komsolwa wokuqala nowesibili.
UMpangase usho izinombolo ezazifonela umsolwa wokuqala, phakathi kwazo obekukhona nenombolo kaKhansela uNgcobo.
Uthe nesitatimende sasebhange siveza ukuthi umsolwa wokuqala wayengenamali ngaphambi kwesigameko sokubulawa kukaNksz Ndlovu.
Kuvele ukuthi wangenelwa wu-R15 000 emuva kokubulawa kukaNksz Ndlovu.
Icala liyaqhubeka namuhla.