UGQUGQUZELA intsha ukuthi ivuke izenzele usomabhizinisi osemncane oshadelwe ngemali yokudayisa ama-aphula.
UMnuz Sanele Gamede (28) waseNdumo, KwaMhlabuyalingana ohlomule ngendondo kowamaKZN Young Achievers Awards ngenyanga edlule, uthi indlela akhule ngayo iyona emenze waba nothando ezintweni ezithinta ibhizinisi nokuhweba.
Le nsizwa eyenza iziqu zeMasters emkhakheni weCultural and Media Studies eNyuvesi yaKwaZulu ithi iqale ngokudayisa i-airtime kulesi sikhungo ngesikhathi yenza unyaka wokuqala ngo-2009.
Ugcine esebizwa ngo'Ma-airtime’ ngabafundi ngenxa yokuthi ubehlale empongoloza edayisa njalo ngezikhathi zamakhefu.
Ukubizwa kwakhe ngamagama uthi akuzange kumqede amandla uGamede, uqhubekile wadayisa okugcine esevule isitodlwana esincane ngaphakathi endaweni ehlala abafundi esebenzisa igumbi lakhe lokulala ukudayisa.
Lokhu akuzange kwehle kahle kubaphathi besikhungo, nokho ugcine ekwazile ukubanekela usizi lwakhe elimphoqe ukuthi adayise ukuze ahlangabezane nezidingo zakhe njengoba ebephuma ekhaya elihlwempu.
Inyuvesi ibe isimnika indawo yokudayisa ngokusemthethweni, nalapho agcine esegxile khona ekudayiseni izithelo okugcine sekumlekelela ukuthatha umakoti ngo-2013.
Ngawo lowo nyaka, ubhalise ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni, iLadi Technologies ekhanda aphinde adayise ama-laptop esebenzela ngaphakathi e-UKZN.
Lokho kumenze wangaconsa phansi kubafundi bakulesi sikhungo wagcina sebemkhetha njengomunye wabantu abasha abaletha ushintsho olubalulekile emphakathini kumaKZN Young Achievers Awards esithupha akulo nyaka abeseBlue Waters eThekwini, ngenyanga edlule.
“Intsha kumele yazi ukuthi ayikho into eza kalula, konke kuncike ekuzimiseleni. Ngibonga kakhulu kubona bonke abangiqokele ukuba kulo mncintiswano, ngaphandle koxhaso ebengilithola emphakathini kungabe angikho la ngikhona,” kusho uGamede.
Oyisikhulu esiphezulu kumaKZN Young Achievers Awards, uMnuz Mthobisi Mkhize, uncome kakhulu iqhaza likaGamede emphakathini.
“Seseka iqhaza lentsha yasesifundazweni saKwaZulu-Natal lokuba nentshisekelo yokwenza umehluko emiphakathini ehlala kuyo kanjalo nokushintsha izimpilo zabantu. USanele ugqugquzele abantu abasha abaningi ikakhulukazi abafundi, ngokusebenza kwakhe kanzima, yingakho le ndondo imfanele,” kusho uMkhize.
UGamede uphinde agxile ekucobeleleni intsha ngolwazi lokuqala ibhizinisi. Uvamise ukuvakashela iziboshwa ejele laseWestville nalapho ecobelela iziboshwa ngokuthi zingawaqala kanjani amabhizinisi uma ziphuma ukuze zibe ngabantu abangcono emphakathini.