LUNGI LANGA
MANINGI amathuba avuleleke kwabesifazane bakuleli inkinga ukuthi iningi labo alikho ezindaweni ezibavumela ukuthi bawathole lamathuba.
Uzimisele ngokushintsha okuningi ngokuletha amathuba kwabesimame abasemakhaya uNkk Vuyelwa Xaba (39) weSA Women Entrepreneur's Network (Sawen).
“Abesimame basemakhaya abanazo izindlela ezilula zokuxhumana ezifana ne-email ne-internet okwenza kube nzima ukuthi bemukele amathuba avulelwe bona,” kusho uNkk Xaba.
UNkk Xaba onebhizinisi lokuhlela imicimbi, i-Instylelifestyle Events, uthe okudingeka manje wukuthi abesifazane babe nesibindi bangavumeli izimo zibavimbele ekutheni bafinyelele lapho befika khona.
Ukusho ngeqholo njengoba naye engavumelanga izimo ukuthi zimvimbele ngesikhathi eqala inkampani yakhe eminyakeni emihlanu edlule.
Emuva kweminyaka eyisishiyagalombili esebenza emkhakheni wezempilo ukhethe ukuqala ibhizinisi lakhe lokuhlela imicimbi.
“Ngasengikhathele ukubeka umndeni wami emuva kwakho konke. Ngangisebenza izikhathi ezicindezelayo, okwakudala ukuthi ngingakwazi ukuhlala nezingane zami,” kusho uNkk Xaba.
Amahora angu-12 okusebenza ayenza kube nzima ukubona izingane zakhe ezisencane ezimbili. Yize ukuzisebenza kuletha ingcindezi ngokwakho, uthi kungcongo kakhulu kunomsebenzi ayewenza ngoba manje uyakwazi ukuzihlelela isikhathi sokuhlala nomndeni wakhe.
Akubanga lula ukuqala ibhizinisi lakhe njengoba ibhizinisi nebhizinisi linezinselelo zalo uma uliqala.
Nakuyena kwaba yinkinga esaliqala kepha ngokuqhubeka kwesikhathi zonke izinto zibe sezihamba kahle. Kuyimanje waziwa njengomunye wosomabhizinisi besifazane abenza kahle emkhakheni wakhe.
Konke lokhu kuqale ngokuthi asize abangani bakhe uma benemicimbi noma benemishado. Esasebenza ubevame ukucelwa ngabangani bakhe ukuthi abahlelele imishado yabo nemicimbi eyehlukahlukene.
“Njalo bebevame ukungitshela ukuthi kumele ngisale sengikwenza kube yibhizinisi lokhu ngoba bebona indlela engizinikela ngayo uma ngibahlelela imicimbi,” usho kanje.
Eminyakeni edlule ubenza imicinjana emincane, manje usenza imicimbi emikhulu lapho kusuke kuhlangene khona osomabhizinisi nezikhulu ezivela ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni. Kepha uthi akagcinile la, usaphokophele kokungaphezu kwalokhu.
Akaboni esewuphethile umsebenzi wakhe uma engakakwazi ukusiza abesifazane abavela emiphakathini ehlwempu neyasemakhaya efuna ukungena kwezamabhizinisi.