MCEBO MPUNGOSE
UMSAKAZI weNanda FM uLihle Mthethwa, uthi wakubona sekuhambe isikhathi ukuthi uwuthanda kangakanani umsebenzi wokuba umsakazi.
ULihle (26) usakaza uhlelo lwasemini kwiNanda FM, i Business Class engena ngo-12 kuya ku-3 ntambama.
Uthe ubengakaze aziphuphe engumsakazi.
“Ngiphothule uGrade 12 ngathatha izifundo ze-Accounting eMangosuthu University of Technology, nokuyinto engayiqala ngiyithanda.
“Ngokuhamba kwesikhathi kodwa ngabona ukuthi uthando seluphelile, ngayeka ukuyenza,” kusho uLihle ophothule uMatric ngo 2005 e-Okumhlophe High School, eMlazi eneminyaka engu-15.
Uthe wathatha izifundo zeCommunications and Journalism eRosebank College ukuze aqinise ulwazi lwakhe kwezokusakaza.
Ngo-2011 uthe wezwa ngethuba lokusebenza emsakazweni iNanda FM, wabe esethumela izinto zakhe naye ezizamela inhlanhla.
“Ngifika nganginomcabango wokuthi ngizomelana kanjani nabantu abafonayo bedinga usizo ngezinto ezihlukahlukene.
“Lowo mcabango wawungikhathaza ngazizwa ngesaba. Kodwa emva kwezinsuku ezimbalwa ngiqalile ukusebenza ngabona ukuthi yinto engikwaziyo ukumelana nayo,” kuqhuba yena.
Uthe into ayithanda kakhulu ngomsakazo ukuthi akagcini ngokusiza abantu kodwa naye ugcina esesizakala kwezinye izinto asuke edlula kuzo.
“Uma ngike ngavuka ekuseni nginomoya ophansi, ilapho engilangazelela khona kakhulu ukuthi ngibe semsakazweni ngoba kuphela uhlelo umoya wami usuvuselelekile.”
I Business Class wuhlelo olugxile kakhulu ekucobeleleni abantu ngolwazi oluthinta ezamabhizinisi.
ULihle uthe kulolu hlelo nokho uyathanda ukugudla nakwezikaqedisizungu njengoba ebuye avakashelwe osaziwayo abahlukahlukene.
Uthe uma engekho emsebenzini uyazifela ngokuzipholela ekhaya noma azikhiphe ayobuka amafilimu nabangani bakhe.
Uthe kuthelevishini uthanda uhlelo i Nyan Nyan.
“Ayikho into engihlekisa njengalolu hlelo ngoba kunezinto ezivela kulo ezingakholakali ukuthi abantu bazenza okwangempela,” kusho yena.