Wenza ibuya eThekwini owemfashini

Comment on this story
no Henry Lues . IMISIKO kaHenry Lues emkhululayo owesifazane ngeke isale ngaphandle embukisweni wemfashini obizwa nge-Fashion by the Sea

BONISWA MOHALE

ISIZOJWAYELEKA imicimbi yemfashini eThekwini kwazise ushaya ibuya umbukiso wemfashini obizwa nge-Fashion By The Sea.

Lo mbukiso oqale ngonyaka odlule wenzelwa olwande kusetshenziswa ibhuloho lasolwandle (pier) njengendawo yokumodela.

Kulo nyaka uzobe uphethe abasiki bengqephu abaziwa umhlaba jikelele nabangaconsi phansi kubathandi bemfashini, okubalwa kubo uDavid Tlale, Leigh Schubbert, Naked Ape nabanye.

I-Fashion by the Sea isetshenziswa ngabathandi bemfashini njengomcimbi osuke umemezela ukuthi isiseduze i-Vodacom Durban July nayo edlisa ngemfashini.

UNksz Dumi Mbatha obhekelele ezokukhangiswa kwi-Durban Tourism, uthe bayajabula ukuthi nakulo nyaka bazobe benalo mbukiso wemfashini ngoba iTheku yilona elikhiqiza abasiki bengqephu abahamba phambili.

no Fashion 1 UMA ungumthandi wemfashini kusheshe kukucacele ukuthi le-jakhethi ngeka-Andre Martin welebuli i-Life. Lapha kuthathwe nomkhangisi wengqephu okhombisa ngengubo ka-Sifiso Sabelo .

Uthe indlela abawenza ngayo lo mbukiso ihlukile ngoba usuke usolwandle kanti kulo nyaka ukhulile ngoba ngeke wenziwe usuku olulodwa kodwa uzoqhubeka izinsuku ezimbili (Meyi 31-Juni 1).

Kuzobe kukhona abasiki bengqephu abangu-14 eMoyo Pier, eShaka Marine World.

Umgqugquzeli we- Fashion by the Sea uSim Tshabalala, uthe lo mbukiso uqhakambisa iTheku njengedolobha elihamba phambili ekuhlelweni kwemicimbi nakwezokuvakasha.

Uthe bazogxila ekuqhakambiseni abantu bakuleli dolobha kodwa ngeke babashiye ngaphandle abanye abasiki bengqephu bakuleli.

Ngosuku lokuqala kuzobe kukhangisa abasiki bengqephu abasakhula, bese umbukiso wesibili kube ngowe-Naked Ape, Leigh Schubert neHouse of Monatic bese kuvala uDavid Tlale.

Ngosuku lwesibili kuzobe kukhangisa uColeen Eitsen, uZama welebuli iZarth no-Andre Martin we-Life.

no David Tlale1 UMA uzoya embukisweni wemfashini i-Fashion by the Sea uzoba senhlanhleni yokubona imisiko kaDavid Tlale okunguye ozovala umbukiso ngoMeyi 31. Izithombe: Zithunyelwe .

Umbukiso wesibili ubizwa ngeHome Coming Show wona ubophele uCraig Port.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.